Kungani Befunda IsiBengali?
EQueens, eNew York, oFakazi BakaJehova abangu-23 muva nje baqale ukufunda ukukhuluma nokufunda ulimi lwesiBengali, olukhulunywa eBangladesh nasezingxenyeni ezithile zaseNdiya. Bangene ekilasini lokufunda ulimi ngokushesha eliqondiswa abanye oFakazi.
Ikilasi lesiBengali kwakungelinye lamakilasi amaningana aqhutshwa e-United States nakwamanye amazwe. Umgomo wala makilasi uwukufunda ukushumayeza abantu bezinye izilimi ngesigijimi seBhayibheli.
UMagaly, ofunda ulimi lwesiBengali, wathi: “Abantu abakhuluma isiBengali endaweni yakithi banda ngokushesha. Abantu bafuna izimpendulo zemibuzo ebalulekile enjengothi, Kungani kunokuhlupheka okungaka? Lapho ngitshela abantu ngezithembiso zikaNkulunkulu ezimangalisayo ngekusasa, baba nelukuluku lokwazi okwengeziwe. Kodwa asikwazi ukubachazela ngoba ulimi lwabo asilwazi.”
Ukuze kusizwe laba bafundi ngokushesha ngangokunokwenzeka, abaqondisi basebenzisa izindlela ezenza kube mnandi ukufunda. Enye yazo iwukufunda benyakazisa umzimba okwenza ingqondo ikhumbule kalula.
Ngemva kwekilasi ngalinye, abafundi babekusebenzisa ngokoqobo lokho ababekufundile, bevakashela abantu abakhuluma isiBengali emakhaya abo, bacele ukuxoxa nabo ngeBhayibheli. UMalagy uthi: “Abantu bajabule kakhulu futhi bayangibuza ukuthi kungani ngifunda ulimi lwabo. Ukwazi nje ukuthi ngifunda ulimi lwabo kubasize babona ukubaluleka kwesigijimi sethu.”
OFakazi BakaJehova abagcini nje ngokufunda ezinye izilimi kuphela kodwa futhi baqeqeshelwa ukuba abaqondisi bamakilasi olimi. Endaweni yegatsha lase-United States iyodwa, phakathi no-January 2006 no-January 2012 kuqeqeshwe abangu-2 244 emakilasini okufundisa ulimi angaba ngu-38. Kusukela ngo-September 1, 2012, oFakazi BakaJehova endaweni yegatsha lase-United States baqhube amakilasi angaphezu kuka-1 500, kwafundiswa kuwo izilimi ezingu-37.