Umculo Wezilimi Eziningi
Akuve kunzima ukuhumusha ingoma eyodwa uyihumushele kolunye ulimi. Ukuhumusha lonke iculo elinezingoma ezingu-135 kuyashikilisa.
OFakazi BakaJehova bawenze ngempumelelo lowo msebenzi futhi ingakapheli iminyaka emithathu base belihumushe lonke iculo labo elisha elithi Hubelani UJehova, ngezilimi ezingu-116. Ezinye izilimi ezingu-55 zinezingoma ezingu-55. Amaculo ezinye izilimi asendleleni nawo.
Ukuhumusha Nokubhala Amagama
OFakazi BakaJehova bahumusha izincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingaba ngu-600, futhi ezingaba ngu-400 kulezi ziyatholakala kuyi-Internet. Kodwa ukuhumusha iculo kunzima ngendlela eyisimanga. Ngani? Ngoba amanothi eculweni elithi Hubelani UJehova awashintshwa, nakuba amagama ehunyushelwe ezilimini eziningi.
Ukuqamba amagama engoma akufani nokuhumusha umagazini. Ngokwesibonelo, lapho abahumushi behumushela umagazini INqabayokulinda kolunye ulimi, bazama ukudlulisa yonke imiqondo esembhalweni wokuqala ngendlela enembile. Kodwa akuhambi kanjalo ekuhumusheni izingoma.
Indlela Ezihunyushwa Ngayo
Abahumushi bamaculo basebenzisa indlela ethe ukwehluka ngoba amagama kufanele azwakale, abe mtoti futhi asheshe akhumbuleke.
Amagama asetshenziswa engomeni yokudumisa kufanele abe lula ukuze oculayo ayiqonde ngokushesha incazelo nenjongo yomusho awuculayo. Kuzo zonke izilimi, amagama kufanele ahlangane namanothi ukuze kuculeke kalula, kube njengokungathi lawo magama avela kuye lo oculayo.
Abahumushi bakwenza kanjani lokho? Kunokuba babhale imishwana ehunyushwe ngokuqondile eculweni lesiNgisi, abahumushi bafundiswe ukuba babhale amagama amasha adlulisela imiqondo nemizwa ebalulekile yeculo lesiNgisi. Nakuba bezama ukunamathela emiqondweni esemiBhalweni okusekelwe kuyo ingoma ngayinye, abahumushi basebenzisa izinkulumo ezivamile olimini lwabo ezizoqondakala futhi zikhumbuleke kalula.
Isinyathelo sokuqala kwaba ukuhumusha izwi nezwi lengoma yesiNgisi. Ngemva kwalokho, uFakazi okwaziyo ukubhala amagama ezingoma, washintsha lokho okuhunyushiwe wakwenza kwaba amagama amnandi, kodwa azwakalayo, alolo limi abahumushela kulo. Abahumushi nabahlola okuhunyushiwe babeqikelela ukuthi okuhunyushiwe kunamathela emiBhalweni bese behlola umsebenzi walowo obebhala amagama azoculwa.
OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke beqiwa injabulo lapho bethola iculo elisha, futhi lisalindelwe ngabomvu nakwezinye izilimi.