Iminyaka Eyikhulu Yomculo Odumisa UNkulunkulu
“Ngifuna uye eColumbia Studios eNew York City ucule enye yezingoma zethu. Bazoyiqopha njengenye yezingoma ezidumile. Ungatsheli muntu ngalokhu.”
Ngasekupheleni kuka-1913, uWilliam Mockridge wafeza lesi sabelo esingavamile ayesinikezwe uCharles Taze Russell. a Leyo ngoma, eyaziwa abathile ngokuthi i-“The Sweet By-and-By,” yakhishwa erekhodini elizungeza izikhathi ezingu-78 ngomzuzu (78-rpm). Kamuva, uWilliam wathola ukuthi leyo ngoma yayizosetshenziswa esethulweni se-“Photo-Drama of Creation,” umbukiso wezinkulumo nomculo weBhayibheli ohambisana nama-movie adlala buthule nezithombe ezidwetshwe kuma-slide engilazi. I-“Photo-Drama” yadlalwa okokuqala ngqa eNew York City ngo-January of 1914.
Ingoma kaWilliam yayingenye yezingoma ezingaphezu kuka-50 ezazidlalwa abadlali begilamafomu ezindaweni ezihlukahlukene okwakubukiswa kuzo i-“Photo-Drama” ngesiNgisi. Nakuba eziningi zezingoma zazikhishwe abanye abantu, ezimbalwa, kuhlanganise nezikaWilliam, zaziqoshwe abaFundi BeBhayibheli futhi zinamagama avela kwenye yezincwadi zabo zezingoma, i-Hymns of the Millennial Dawn.
Ukunakisisa Amagama
Kwaphela iminyaka eminingi oFakazi besebenzisa izingoma ezibhalwe abanye abantu ekukhulekeleni kwabo. Nokho, uma kunesidingo, babeshintsha amagama ukuze aveze indlela bona abayiqonda ngayo imiBhalo.
Ngokwesibonelo, enye yezingoma ezazidlala kuyi-“Photo-Drama” eyayithi “Our King Is Marching On” (INkosi Yethu Iqhubekela Phambili), yayisuselwa engomeni ethi “Battle Hymn of the Republic.” Ivesi lokuqala lale ngoma lithi: “Amehlo ami abone inkazimulo yokuza kweNkosi.” Nokho, abaFundi BeBhayibheli bayishintsha yathi: “Amehlo ami abona inkazimulo yokuba khona kweNkosi.” Lolu shintsho lwabonisa inkolelo yabo yokuthi ukubusa kukaJesu Kristu akusho nje ukuza kwakhe kodwa ukuba khona kwakhe phakathi nenkathi ethile yesikhathi.—Mathewu 24:3.
Encwadini yamaculo ethi Singing and Accompanying Yourselves With Music in Your Hearts ngo-1966, kwenziwa umzamo wokukhipha izingoma ezisuselwa ezingomeni ezidumile noma kwezinye izinkolo. Ngalowo nyaka, oFakazi bahlanganisa iqembu lomculo futhi baqopha ngayinye yezingoma ezingu-119 ezikule ncwadi yamaculo. Amabandla asebenzisa lezo zingoma eziqoshiwe lapho ecula emihlanganweni yawo, futhi abanye oFakazi babekujabulela ukuzilalela emakhaya.
Ngo-2009, oFakazi BakaJehova bakhipha incwadi entsha yamaculo, ethi Hubelani UJehova. Kuye kwaqoshwa izingoma eziculwa ngamagama ezikule ncwadi yamaculo ngezilimi eziningi. Ngo-2013 oFakazi baqala ukunyathelisa ama-video omculo wezingane. Enye yawo inesihloko esithi Thandaza Noma Nini. Abantu abangena ku-jw.org badawuniloda izingoma izikhathi eziyizigidi ezimbalwa inyanga ngayinye.
Abaningi bazwakalise ukubonga ngalo mculo. Owesifazane ogama lakhe linguJulie wabhala lokhu ngencwadi ethi Hubelani UJehova: “Azive zimnandi le zingoma ezintsha! Uma ngingedwa ngidlala lezi eziveza indlela engizizwa ngayo ngempela. Ngenxa yalokho, ubuhlobo bami noJehova buyaqina futhi ngizimisele kunanini ngaphambili ukumenzela konke okusemandleni ami.”
Umama onguHeather wabhala lokhu ngendlela i-video ethi Thandaza Noma Nini eyazithinta ngayo izingane zakhe ezineminyaka engu-7 no-9, “Kuzisize ukuba zithandaze, hhayi nje ekuqaleni kosuku noma lapho zinathi kodwa noma nini lapho zizizwa zifuna ukukhuluma noJehova.”
a UCharles Taze Russell (1852–1916) wayehola emsebenzini owawenziwa abaFundi BeBhayibheli, njengoba babaziwa kanjalo oFakazi BakaJehova.