UMBUZO 14
Ungayiphatha Kanjani Imali Nempahla Yakho?
“Othanda ubumnandi uyoba mpofu; othanda iwayini namafutha ngeke acebe.”
“Obolekayo uyisigqila sobolekisayo.”
“Ubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede? Ngaphandle kwalokho, angase abeke isisekelo sawo kodwa angakwazi ukuwuqeda, bonke ababukele baqale ukumhleka usulu, bethi: ‘Lo muntu waqala ukwakha kodwa akakwazanga ukuqeda.’”
“Kodwa lapho sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: ‘Buthani izingcezwana ezisele, ukuze kungachithwa lutho.’”