UMBUZO 19
Yini equkethwe izincwadi ezihlukahlukene zeBhayibheli?
IMIBHALO YESIHEBHERU (“ITESTAMENTE ELIDALA”)
I-PENTATEUCH (IZINCWADI EZINHLANU):
Genesise, Eksodusi, Levitikusi, Numeri, Duteronomi
Kusukela ekudalweni komhlaba kuye ekumisweni kwesizwe sakwa-Israyeli wasendulo
IZINCWADI ZOMLANDO (IZINCWADI EZINGU-12):
Joshuwa, AbaHluleli, Ruthe
Ukungena kuka-Israyeli eZweni Lesithembiso nezenzakalo zangemva kwalokho
Incwadi yoku-1 neyesi-2 Samuweli, eyoku-1 neyesi-2 AmaKhosi neyoku-1 neyesi-2 IziKronike
Umlando wesizwe sakwa-Israyeli kuze kube sekubhujisweni kweJerusalema
Ezra, Nehemiya, Esteri
Umlando wamaJuda ngemva kokubuya ekudingisweni eBhabhiloni
IZINCWADI EZISANKONDLO (IZINCWADI EZINHLANU):
Jobe, AmaHubo, IzAga, UmShumayeli, IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Iqoqo lamazwi ahlakaniphile nezingoma
IZINCWADI ZESIPROFETHO (IZINCWADI EZINGU-17):
Isaya, Jeremiya, IsiLilo, Hezekeli, Daniyeli, Hoseya, Joweli, Amose, Obadiya, Jona, Mika, Nahume, Habakuki, Zefaniya, Hagayi, Zakariya, Malaki
Iziprofetho noma izibikezelo eziphathelene nabantu bakaNkulunkulu
IMIBHALO YAMAKRISTU YESIGREKI (“ITESTAMENTE ELISHA”)
AMAVANGELI AMANE (IZINCWADI EZINE):
Mathewu, Marku, Luka, Johane
Umlando wokuphila kukaJesu nenkonzo yakhe
IZENZO ZABAPHOSTOLI (INCWADI EYODWA):
Umlando wokuqala kwebandla lobuKristu nomsebenzi wezithunywa zevangeli
IZINCWADI (EZINGU-21):
Roma, eyoku-1 neyesi-2 Korinte, Galathiya, Efesu, Filipi, Kolose, eyoku-1 neyesi-2 Thesalonika
Izincwadi eziya emabandleni obuKristu
Eyoku-1 neyesi-2 Thimothewu, Thithu, Filemoni
Izincwadi eziya kumaKristu ahlukahlukene
Hebheru, Jakobe, eyoku-1 neyesi-2 Petru, eyoku-1, eyesi-2 neyesi-3 Johane, Jude
Izincwadi ezivamile eziya kumaKristu
ISAMBULO (INCWADI EYODWA):
Imibono ewuchungechunge yesiprofetho eyanikwa umphostoli uJohane