A7-A
Izenzakalo Eziyinhloko Ekuphileni KukaJesu Kwasemhlabeni—Eziholela Enkonzweni KaJesu
Amavangeli Amane Ngokulandelana Kwezenzakalo
Amashadi alandelayo anamabalazwe abonisa uhambo lukaJesu lokushumayela. Imicibisholo esemabalazweni ayibonisi izindlela eziqinisekisiwe ahamba kuzo kodwa imane ibonisa ukuthi kwakungakuphi. U-“c.” usho ukuthi “cishe,” noma “ngawo.”
Izenzakalo Zangaphambi Kwenkonzo KaJesu
ISIKHATHI |
INDAWO |
ISENZAKALO |
MATHEWU |
MARKU |
LUKA |
JOHANE |
---|---|---|---|---|---|---|
3 B.C.E. |
EJerusalema, ethempelini |
Ingelosi uGabriyeli ibikezela ngokuzalwa kukaJohane uMbhapathizi kuZakariya |
||||
c. 2 B.C.E. |
ENazaretha; eJudiya |
Ingelosi uGabriyeli ibikezela ngokuzalwa kukaJesu kuMariya; uMariya uvakashela isihlobo sakhe u-Elizabethe |
||||
2 B.C.E. |
Ezweni laseJudiya elisezintabeni |
UJohane uMbhapathizi uyazalwa futhi wethiwa igama; uZakariya uyaprofetha; uJohane uzoba sehlane |
||||
2 B.C.E., c. Oct. 1 |
EBhetlehema |
UJesu uyazalwa; “uLizwi waba yinyama” |
||||
Eduze kwaseBhetlehema; eBhetlehema |
Ingelosi imemezela izindaba ezinhle kubelusi; izingelosi zidumisa uNkulunkulu; abelusi bavakashela usana |
|||||
EBhetlehema; eJerusalema |
UJesu uyasokwa (ngosuku lwesi-8); abazali bamyisa ethempelini (ngemva kwezinsuku ezingu-40) |
|||||
1 B.C.E. noma 1 C.E. |
EJerusalema; eBhetlehema; eGibhithe; eNazaretha |
Kufika ababhula ngezinkanyezi; umndeni ubalekela eGibhithe; uHerode ubulala abafana abancane; umndeni uyabuya eGibhithe uhlala eNazaretha |
||||
12 C.E., iPhasika |
EJerusalema |
UJesu oneminyaka eyishumi nambili usethempelini ubuza abafundisi imibuzo |
||||
ENazaretha |
Uphindela eNazaretha; uqhubeka engaphansi kwabazali; ufunda ukubaza; uMariya ukhulisa amanye amadodana akhe amane, kanye namadodakazi (Mat 13:55, 56; Mar 6:3) |
|||||
29, entwasahlobo |
Ehlane, eMfuleni iJordani |
UJohane uMbhapathizi uqala inkonzo yakhe |