Eyesibili KwabaseKorinte 2:1-17
2 Ngoba nginqume ukuba ngingaphinde ngize kini ngidabukile.
2 Ngoba uma ngidabukisa nina, ubani ozongenza ngijabule ngaphandle kwalowo engimdabukisile?
3 Ngakubhala lokho engakwenza, ukuze kuthi lapho ngiza, ngingadatshukiswa yilabo okufanele bangijabulise, ngoba ngiyaqiniseka ukuthi lokho okungijabulisayo nani kunenza nijabule ngendlela efanayo.
4 Ngoba nganibhalela ngezinyembezi eziningi nginosizi olukhulu nobuhlungu benhliziyo, hhayi ngenjongo yokunenza nidabuke, + kodwa ukuze nikwazi ukujula kothando enginithanda ngalo.
5 Uma kukhona oye wabangela ukudabuka, + akadabukisanga mina, kodwa nina nonke ngezinga elithile—ukuze ngingabi nokhahlo kakhulu kulokho engikushoyo.
6 Lesi siyalo esinikezwa iningi simanele umuntu onjalo;
7 manje esikhundleni salokho kufanele nimthethelele ngomusa nimduduze, + ukuze anganqotshwa* ukudabuka ngokweqile. +
8 Ngakho-ke, nginikhuthaza ukuba nimqinisekise ukuthi niyamthanda. +
9 Ngoba yilesi sizathu futhi esenza nganibhalela: ukuze ngithole ukuthi nizobunikeza yini ubufakazi bokuthi niyalalela ezintweni zonke.
10 Noma ubani enimthethelelayo, nami ngiyamthethelela. Eqinisweni, noma yini engiyithethelele, (uma kukhona engikuthethelele) bekungenxa yenu emehlweni kaKristu,
11 ukuze singaphanjwa* uSathane, + ngoba asibona abangenalwazi ngamacebo* akhe. +
12 Lapho ngifika eTrowa + ukuze ngimemezele izindaba ezinhle mayelana noKristu, futhi ngivulelwa umnyango eNkosini,
13 umoya wami awutholanga mpumuzo ngenxa yokungamtholi uThithu + umfowethu. Ngakho ngabavalelisa ngahamba ngaya eMakedoniya. +
14 Kodwa makabongwe uNkulunkulu osiholayo ngaso sonke isikhathi odwendweni lokunqoba kanye noKristu futhi enze iphunga lolwazi ngaye lizwakale* ngathi kuyo yonke indawo!
15 Ngoba kuNkulunkulu siyiphunga likaKristu elimnandi phakathi kwalabo abasindiswayo naphakathi kwalabo ababhubhayo;
16 kulaba ababhubhayo siyiphunga lokufa eliholela ekufeni, + kwabasindiswayo siyiphunga lokuphila eliholela ekuphileni. Ubani ozifanelekela ngokwanele lezi zinto?
17 Yithi, ngoba asibona abathengisi* bezwi likaNkulunkulu + njengoba abantu abaningi beyibo, kodwa sikhuluma ngabo bonke ubuqotho, njengabathunywe bevela kuNkulunkulu, yebo, sibonwa uNkulunkulu futhi sikanye noKristu.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “angagwinywa.”
^ Noma, “singaqilizelwa.”
^ Noma, “ngezinhloso.”
^ Noma, “lisakazeke.”
^ Noma, “abenza inzuzo.”