Eyesibili KwabaseKorinte 8:1-24

  • Iminikelo yamaKristu aseJudiya (1-15)

  • UThithu uzothunyelwa eKorinte (16-24)

8  Manje bazalwane, sifuna nazi ngomusa omkhulu kaNkulunkulu ophiwe amabandla aseMakedoniya. +  Phakathi novivinyo olukhulu ngaphansi kokuhlupheka, apha ngenjabulo enkulu naphezu kobumpofu bawo obukhulu. Lokhu kwembula ukuthi aphana kakhulu.  Ngoba enza okwakusemandleni awo, + yebo, ngiyafakaza, kwakungaphezu kwamandla awo, +  lapho ngokuzithandela elokhu esincengisisa ecela ilungelo lokupha ngomusa, ukuze abe nengxenye enkonzweni yokusiza abangcwele. +  Enza okungaphezu kwalokho esasikulindele, njengoba okokuqala anikela ngawo ngokwawo eNkosini nakithi ngentando kaNkulunkulu.  Ngakho sakhuthaza uThithu + ukuba, njengoba nje aqala lo msebenzi phakathi kwenu, kufanele aphelelise nalokhu kupha kwenu okufanayo komusa.  Noma kunjalo, njengoba nje nicebile kuzo zonke izinto, okholweni nasezwini nasolwazini nakuyo yonke inkuthalo nasothandweni esinithanda ngalo, kwangathi ningaba nesandla esivulekile nakulokhu kupha komusa. +  Lokhu angikusho ngenjongo yokuniyala, kodwa ngikusho ngenjongo yokunenza niqaphele inkuthalo yabanye nokuba ngivivinye ubuqotho bothando lwenu.  Ngoba niyawazi umusa omkhulu weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba yayicebile yaba mpofu ngenxa yenu, + ukuze nicebe ngobumpofu bayo. 10  Kulokhu ngisho umbono wami: + Lokhu kuzozuzisa nina, njengoba kakade esikhathini esidlule esingangonyaka anigcinanga nje ngokuqala ukukwenza lokhu kodwa nabonisa nesifiso sokukwenza. 11  Ngakho manje qedelani umsebenzi enawuqala. Khona-ke lokho enikukhiphayo ngokwamandla enu kuyobonisa ukuzimisela kwenu ukupha. 12  Ngoba uma umuntu ezimisele ukupha, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, + hhayi ngokwalokho umuntu angenakho. 13  Ngoba angifuni ukwenza kube lula kwabanye, kodwa kube nzima kini; 14  kodwa ngiqonde ukuba ngokulinganisa, inala yenu njengamanje iqede ukuswela kwabo, ukuze nenala yabo nayo iqede ukuntula kwenu, kube khona ukulingana. 15  Njengoba nje kulotshiwe: “Umuntu onokuningi akabanga nokuningi kakhulu, nomuntu onokuncane akabanga nokuncane kakhulu.” + 16  Makabongwe uNkulunkulu ngokwenza uThithu + akhathazeke ngani ngendlela efanayo enhliziyweni yakhe, 17  ngoba ngempela usamukele isikhuthazo, kodwa uza kini ngokuzithandela enokulangazela okukhulu. 18  Kodwa sithumela kanye naye umzalwane odumo lwakhe ngezindaba ezinhle luye lwasakazeka kuwo wonke amabandla. 19  Akupheleli nje lapho, kodwa futhi wamiswa amabandla ukuba abe umngane wethu esihambisana naye njengoba siqondisa lesi sipho somusa ukuze kukhazinyuliswe iNkosi nanjengobufakazi bokulungela kwethu ukusiza. 20  Kanjalo sigwema ukuba kube khona othola iphutha kithi mayelana nalo mnikelo owenziwe ngesandla esivulekile esiwuqondisayo. + 21  Ngoba ‘senza zonke izinto ngokwethembeka, hhayi emehlweni kaJehova* kuphela, kodwa nasemehlweni abantu.’ + 22  Ngaphezu kwalokho, sithumela kanye nabo umzalwane esimvivinye kaningi samthola ekhuthele ezintweni eziningi, kodwa manje okhuthele nakakhulu ngenxa yokuqiniseka kwakhe okukhulu ngani. 23  Nokho, uma kukhona umbuzo ngoThithu, ungumuntu engihambisana naye nesisebenzi engikanye naso ukuze kuzuze nina; noma uma kunemibuzo ngabazalwane bethu, bangabaphostoli bamabandla nenkazimulo kaKristu. 24  Ngakho baboniseni ubufakazi bothando lwenu, + nibonise amabandla ukuthi kungani saziqhayisa ngani.

Imibhalo yaphansi