AmaHubo 10:1-18
ל [Lamed]
10 O Jehova, kungani umele kude?
Kungani uzifihla ngezikhathi zokucindezeleka? +
2 Ngokuqhosha kwakhe, omubi ujaha ohluphekile, +Kodwa uyobanjwa amacebo akhe. +
3 Ngoba omubi uqhosha ngezifiso zakhe zobugovu +Ubusisa umuntu ohahayo;*נ [Nun]Udelela uJehova.
4 Ngokuqhosha kwakhe, omubi akalwenzi uphenyo;Engqondweni yakhe uthi: “Akekho uNkulunkulu.” +
5 Izindlela zakhe zihlale ziphumelela, +Kodwa akaziqondi izahlulelo zakho; +Uzenza inhlekisa* zonke izitha zakhe.
6 Uthi enhliziyweni yakhe: “Ngeke nanini ngintengantengiswe;*Ngeke neze ngiyibone inhlekeleleIzizukulwane ngezizukulwane.” +
פ [Pe]
7 Umlomo wakhe ugcwele iziqalekiso, amanga nezinsongo; +Ulimi lwakhe lukhuluma amazwi alimazayo nabangela izinkinga. +
8 Ucasha eduze kwemizi, elindele ukuhlasela;Uphuma endaweni abecashe kuyo abulale umuntu ongenacala. +
ע [Ayin]
Amehlo akhe alinde isisulu. +
9 Ucuthe endaweni efihlekile njengebhubesi ehlathini. *+
Ulinde ukubamba ohluphekile.
Ubamba ohluphekile lapho edonsa inethi lakhe. +
10 Isisulu sidangele, sikhotheme sisosizini;Ohluphekile uwela ezandleni zakhe.*
11 Uthi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu usekhohliwe. +
Ufulathelise ubuso bakhe.
Akwenzeki anake.” +
ק [Qoph]
12 O Jehova, vuka. + O Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho. +
Ungabakhohlwa abahluphekile. +
13 Kungani omubi edelele uNkulunkulu?
Uthi enhliziyweni yakhe: “Ngeke ungenze lutho.”
ר [Resh]
14 Kodwa wena uyayibona inkathazo nosizi.
Uyabuka bese uthatha isinyathelo. +
Isisulu siphendukela kuwe; +Ungumsizi wentandane. *+
ש [Shin]
15 Phula ingalo yomubi nokhohlakele, +Ukuze kuthi lapho uhlola ububi bakhe,Ungabutholi.
16 UJehova uyiNkosi kuze kube phakade naphakade. +
Izizwe zishabalele emhlabeni. +
ת [Taw]
17 Kodwa wena Jehova uyosizwa isicelo sabamnene. +
Uyoqinisa izinhliziyo + zabo ubanake. +
18 Uyoyenzela ubulungisa intandane nalabo abadangele, +Ukuze umuntu ofayo wasemhlabeni angaphinde abesabise. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “Ohahayo uyazibusisa.”
^ Noma, “Uyazikhukhumeza kuzo.”
^ Noma, “ngizanyazanyiswe.”
^ Noma, “emphandwini walo.”
^ Noma, “emaziphweni akhe aqinile.”
^ Noma, “wengane engenababa.”