AmaHubo 144:1-15
ElikaDavide.
144 Makadunyiswe uJehova iDwala + lami,Ongiqeqeshela impi,Angifundise ukulwa. +
2 Ungibonisa uthando oluqotho futhi uyisiphephelo sami,Indawo yami yokuphephela* elondekile nomkhululi wami,Ihawu lami naLowo engiphephele kuye, +Othobisa izizwe ngaphansi kwami. +
3 O Jehova, uyini umuntu ukuba umqaphele,Indodana yomuntu ofayo ukuba uyinake? +
4 Umuntu ufana nomoya nje okhishwa ngamakhala; +Izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo. +
5 O Jehova, thobisa* amazulu akho wehle; +Thinta izintaba ukuze zishunqe intuthu. +
6 Khanyisa ngombani uhlakaze izitha; +Cibishela imicibisholo yakho uziphithizelise. +
7 Yelula izandla zakho usendaweni ephakeme;Ngikhulule ungisindise ezikhukhuleni,Esandleni sabezinye* izizwe, +
8 Abakhuluma amanga ngemilomo yaboNabaphakamisa isandla sabo sokudla ukuze bafunge amanga.*
9 O Nkulunkulu, ngizokuculela ingoma entsha. +
Ngizokuhubela,* ngikudlalele insimbi yomculo enezintambo eziyishumi,
10 Wena osiza amakhosi ukuba anqobe, *+Okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni ebulalayo. +
11 Ngikhulule ungisindise esandleni sabezinye izizwe,Abakhuluma amanga ngemilomo yaboNabaphakamisa isandla sabo sokudla ukuze bafunge amanga.
12 Khona-ke amadodana ethu azoba njengezithombo zezitshalo ezikhula ngokushesha,Amadodakazi ethu abe njengezinsika ezihlobise emakhoneni asesigodlweni.
13 Izinqolobane zethu ziyogcwala imikhiqizo enhlobonhlobo;Imihlambi yethu iyokwanda ngokuphindwe ngezinkulungwane, ngamashumi ezinkulungwane.
14 Izinkomo zethu ezimithi ngeke zehlelwe yingozi noma ziphunze;*Ngeke kukhalwe ngenxa yokucindezeleka ezigcawini zethu.
15 Bayajabula abantu okubahambela ngale ndlela!
Bayajabula abantu abanoNkulunkulu onguJehova! +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ephakeme.”
^ Noma, “goba.”
^ Noma, “Ekuxhakathisweni ezinye.”
^ NgesiHebheru, “Nabasandla sabo sokudla siyisandla sokudla samanga.”
^ Noma, “Ngizohlabelela.”
^ Noma, “onika amakhosi insindiso.”
^ Ukuzala kwesilwane kungakabi yisikhathi, inkonyane life.