AmaHubo 4:1-8

  • Umthandazo wokwethembela kuNkulunkulu

    • “Thukuthelani, kodwa ningoni” (4)

    • ‘Ngiyolala ngokuthula’ (8)

Kumqondisi; kufanele liculwe nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Ihubo likaDavide. 4  Lapho ngikubiza, ngiphendule Nkulunkulu wami olungile. + Ngenzele indlela yokuphunyuka* ekucindezelekeni kwami. Ngibonise umusa uzwe umthandazo wami.   Nina madodana abantu, kuyoze kube nini ningihlambalaza? Kuyoze kube nini nithanda izinto ezingasizi ngalutho, nifuna nezinto ezingamanga? (Sela)   Yazini ukuthi uJehova uyomphatha ngendlela ekhethekile* oqotho wakhe;UJehova uyongizwa lapho ngimbiza.   Thukuthelani, kodwa ningoni. + Khulumani ngenhliziyo phezu kombhede wenu, kodwa nithule. (Sela)   Nikelani imihlatshelo yokulunga,Nithembele kuJehova. +   Kukhona abaningi abathi: “Ngubani oyosenzela okuhle?” O Jehova, sibonise umusa. +   Ugcwalise inhliziyo yami ngenjabulo enkuluKuneyalabo abanensada yesivuno sokudla okusanhlamvu newayini elisha.   Ngiyocambalala ngilale ngokuthula, +Ngoba wena wedwa, Jehova, ungenza ngihlale ngokulondeka. +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “Ngenzele indawo ebanzi.”
Noma, “uyomenza ahluke; uyozihlukanisela yena.”