AmaHubo 47:1-9
Kumqondisi. Elamadodana kaKhora. + Ihubo.
47 Shayani ihlombe, nonke nina zizwe.
Dumisani uNkulunkulu nimemeze ngenjabulo.
2 Ngoba uJehova oPhezukonke, uyamangalisa; +UyiNkosi enkulu phezu kwawo wonke umhlaba. +
3 Uthobisa izizwe ngaphansi kwethu;Ubeka izizwe ngaphansi kwezinyawo zethu. +
4 Usikhethela ifa, +Iqholo likaJakobe, amthandayo. + (Sela)
5 UNkulunkulu ufikile, abantu bamemeza ngenjabulo;UJehova ufike kwakhala uphondo.*
6 Hubelani* uNkulunkulu, hubani ingoma yokudumisa.
Hubelani iNkosi yethu, hubani ingoma yokudumisa.
7 Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yawo wonke umhlaba; +Hubani ingoma yokudumisa, nibonise ukuqonda.
8 UNkulunkulu useyiNkosi phezu kwezizwe. +
UNkulunkulu uhleli esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.
9 Abaholi bezizwe babutheneKanye nesizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama.
Ngoba ababusi* bomhlaba bangabakaNkulunkulu.
Uphakeme kakhulu. +