AmaHubo 62:1-12
Kumqondisi; ngenothi leJeduthuni.* Ihubo likaDavide.
62 Ngilinde uNkulunkulu buthule.
Insindiso yami ivela kuye. +
2 Impela uyidwala lami nensindiso yami, indawo yami yokuphephela* elondekile; +Ngeke nginyakaziswe ngize ngiwe. +
3 Kuyoze kube nini nihlasela umuntu ukuze nimbulale? +
Nonke niyingozi njengodonga olutshekile, udonga lwamatshe oseluzowa.*
4 Ngoba bayelulekana ukuze bamehlise esikhundleni sakhe esiphezulu;*Bayawathanda amanga.
Bayabusisa ngomlomo wabo, kodwa ngaphakathi bayaqalekisa. + (Sela)
5 Impela, ngilinde* uNkulunkulu buthule +Ngoba ithemba lami livela kuye. +
6 Impela uyidwala lami nensindiso yami, indawo yami yokuphephela elondekile;Ngeke nginyakaziswe. +
7 Insindiso yami nenkazimulo yami kuncike kuNkulunkulu.
UNkulunkulu uyidwala lami eliqinile, isiphephelo sami. +
8 O bantu, thembelani kuye ngazo zonke izikhathi.
Thululani izinhliziyo zenu phambi kwakhe. +
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu. + (Sela)
9 Amadodana abantu anjengomoya okhishwa ngamakhala,Amadodana abantu ayisiphephelo esikhohlisayo. +
Lapho ebekwa esikalini ndawonye, alula kakhulu kunomoya. +
10 Ningacabangi ukuthi nizophumelela ngokuqola abanye,Ningacabangi ukuthi nizozuza ngobugebengu.
Uma umcebo wenu wanda, ningabeki ithemba lenu kuwo. +
11 Kabili ngizwile ukuthi uNkulunkulu uthe:
Amandla angakaNkulunkulu. +
12 O Jehova, nothando oluqotho lungolwakho, +Ngoba ubuyisela umuntu ngamunye ngokwezenzo zakhe. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ephakeme.”
^ Noma kungaba, “Nonke, njengokungathi uwudonga olutshekile, udonga lwamatshe oseluzowa.”
^ Noma, “bamehlise isithunzi.”
^ Noma, “mphefumulo wami, linda.”