AmaHubo 86:1-17
Umthandazo kaDavide.
86 O Jehova, lalela umthandazo wami* ungiphendule.
Ngoba ngihluphekile futhi ngimpofu. +
2 Qapha ukuphila kwami,* ngoba ngiqotho. +
Sindisa inceku yakho ethembela kuwe,Ngoba unguNkulunkulu wami. +
3 O Jehova, ngibonise umusa, +Ngoba ngiqhubeka ngikubiza usuku lonke. +
4 Yenza inceku yakho ijabule,Ngoba ngiphendukela kuwe Jehova.
5 Ngoba wena Jehova, umuhle + futhi uhlale ukulungele ukuthethelela; +Uthando lwakho oluqotho kubo bonke abakubizayo luyachichima. +
6 O Jehova, lalela umthandazo wami;Ngilalele lapho ngikhalela usizo. +
7 Ngiyakubiza ngosuku lokucindezeleka kwami, +Ngoba wena uzongiphendula. +
8 O Jehova, akekho ofana nawe phakathi konkulunkulu, +Ayikho imisebenzi efana neyakho. +
9 Zonke izizwe ozenzileZiyofika zikhothame phambi kwakho, Jehova, +Zikhazimulise igama lakho. +
10 Ngoba umkhulu, wenza izinto ezimangalisayo; +UnguNkulunkulu, wena wedwa. +
11 O Jehova, ngifundise indlela yakho. +
Ngizohamba eqinisweni lakho. +
Yenza inhliziyo yami ibe nobunye* ukuze yesabe igama lakho. +
12 O Jehova Nkulunkulu wami, ngikudumisa ngayo yonke inhliziyo yami, +Ngizolikhazimulisa igama lakho kuze kube phakade,
13 Ngoba uthando lwakho oluqotho ongibonisa lona lukhulu,Ukusindisile ukuphila kwami ekujuleni kweThuna. *+
14 O Nkulunkulu, abagabadelayo bayangivukela; +Iviyo labantu abanonya lifuna ukungibulala,*Abanandaba nawe. *+
15 Kodwa wena Jehova, unguNkulunkulu onesihe nozwela,*Owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho nokwethembeka. *+
16 Phendukela kimi ungibonise umusa. +
Nika inceku yakho amandla akho, +Usindise indodana yencekukazi yakho.
17 Ngivezele isibonakaliso sobuhle* bakho,Ukuze abangizondayo basibone babe namahloni.
Ngoba wena Jehova ungumsizi wami nomduduzi wami.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “goba ungilalele.”
^ Noma, “umphefumulo wami.”
^ Noma, “Nginike inhliziyo engekho mbaxa-mbili.”
^ Noma, “kweShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Abazange bakubeke phambi kwabo.”
^ Noma, “umphefumulo wami.”
^ Noma, “nomusa.”
^ Noma, “neqiniso.”
^ Noma, “Ngibonise ubufakazi bobuhle.”