AmaHubo 87:1-7
-
IZiyoni idolobha likaNkulunkulu weqiniso
-
Labo abazalelwe eZiyoni (4-6)
-
Ihubo lamadodana kaKhora. + Ingoma.
87 Isisekelo sedolobha lakhe sisezintabeni ezingcwele. +
2 UJehova uthanda amasango aseZiyoni +Ukwedlula wonke amatende kaJakobe.
3 O dolobha likaNkulunkulu weqiniso, + kukhulunywa izinto ezikhazimulayo ngawe. (Sela)
4 URahabi + neBhabhiloni ngizobabala phakathi kwalabo abangaziyo;*Nali iFilistiya neThire kanye neKushe.
Kuyothiwa: “Lona nguye owazalelwa khona.”
5 Ngokuphathelene neZiyoni kuyothiwa:
“Ngamunye wazalelwa kulo.”
OPhezukonke uyolimisa liqine.
6 UJehova uyomemezela lapho ebhalisa izizwe, athi:
“Lona nguye owazalelwa khona.” (Sela)
7 Abahlabeleli + nabadansi bemidanso yesiyingi, + bayothi:
“Zonke iziphethu zami zikuwe.” *+