Duteronomi 32:1-52
32 “Ngipheni indlebe mazulu ngikhulume,Umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.
2 Imfundiso yami iyokuna njengemvula;Amazwi ami ayoconsa njengamazolo,Njengemikhemezelo phezu kotshaniNanjengezihlambi zemvula enkulu phezu kwezinto ezitshaliwe.
3 Ngoba ngizolimemezela igama likaJehova. +
Ngikhulume ngobukhulu bukaNkulunkulu wethu! +
4 UyiDwala, uphelele umsebenzi wakhe, +Konke akwenzayo kunobulungisa. +
UnguNkulunkulu wokwethembeka, + okungenzeki angabi nabulungisa; +Ulungile futhi uqotho. +
5 Yibona abenze ngokukhohlakala. +
Ababona abantwana bakhe, iphutha lingelabo. +
Bayisizukulwane esigwegwile nesisontekile! +
6 Ingabe yile ndlela okufanele niphathe ngayo uJehova, +Bantu abayiziphukuphuku nabangahlakaniphile? +
Akayena yini uYihlo owanenza naba khona, +Lowo owanidala wanimisa naba isizwe?
7 Khumbulani izinsuku zakudala;Cabangani ngeminyaka yezizukulwane ezedlule.
Buzani oyihlo, bazonitshela; +Amadoda akini amadala, azonixoxela.
8 Lapho oPhezukonke enika izizwe ifa lazo, +Lapho ehlukanisa amadodana ka-Adamu, *+Wabeka umngcele wezizwe +Ecabanga ngesibalo sabantwana bakwa-Israyeli. +
9 Ngoba isizwe sikaJehova siyisabelo sakhe; +UJakobe uyifa lakhe. +
10 Wamthola ezweni eliyihlane +Ogwadule olungenalutho, olunezilwane zasendle ezihewulayo. +
Wamvikela, wamnakekela, +Wamqapha njengenhlamvu yeso lakhe. +
11 Njengoba nje ukhozi lunyakazisa isidleke salo,Lundizela phezu kwamaphuphu alo,Lwelula amaphiko alo, luwathathe,Luwathwale ngezimpaphe zalo, +
12 NguJehova yedwa owaqhubeka emhola; *+
Kwakungekho nkulunkulu wesinye isizwe owayekanye naye. +
13 Wamgibelisa ezindaweni zomhlaba eziphakeme, +Ukuze adle umkhiqizo wasendle. +
Wamondla ngoju olwaluvela edwaleniNangamafutha ayevela edwaleni eliqinile,*
14 Wamondla ngebhotela lomhlambi wezinkomo nobisi lomhlambi wezimvu nezimbuzi,Nangezimvu zekhethelo,*Nezinqama zaseBhashani nezimpongo,Kanye nokolweni ocolekile; +Futhi waphuza iwayini elenziwe ngejusi* yamagilebhisi.
15 Lapho uJeshuruni* esekhuluphele, waqala ukudlubulunda.
O Jeshuruni, usukhuluphele, usumkhulu, ususuthi. +
Ngakho uJeshuruni wamshiya uNkulunkulu, owamdala, +Wadelela iDwala lensindiso yakhe.
16 Bambangela ulaka ngonkulunkulu bezinye izizwe; +Babemcasula ngezinto ezinengekayo. +
17 Babehlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu, +Onkulunkulu ababengabazi,Onkulunkulu abasha ababesanda kufika,Onkulunkulu okhokho benu ababengabazi.
18 Wakhohlwa iDwala + elakuzala,Awumkhumbulanga uNkulunkulu owakuzala. +
19 Lapho uJehova ekubona lokho, wabalahla +Ngoba amadodana namadodakazi akhe amcasula.
20 Ngakho wathi, ‘Ngizobafulathela; *+Ngizoke ngibone ukuthi bazoba yini.
Ngoba bayisizukulwane esonakele, +Abantwana abangathembekile. +
21 Bangibangele ulaka* ngalokho okungekona unkulunkulu; +Bangicasulile ngezithixo zabo ezingathi shu. +
Ngakho ngizobenza babe nesikhwele ngalokho okungesona isizwe; +Ngizobacasula ngesizwe esiyisiwula. +
22 Ngoba intukuthelo yami yokhele umlilo +Ozovutha uze ufike ekujuleni kweThuna, *+Udle umhlaba nomkhiqizo wawo
Uthungele izisekelo zezintaba.
23 Ngizokwandisa izinhlekelele zabo;Ngisebenzise imicibisholo yami kubo.
24 Bazophela amandla ngenxa yendlala +Badliwe imfiva nayimbubhiso ebangela umunyu. +
Ngizothumela izilwane zibalume, +Kanye nezinyoka* ezinesihlungu ezihuquzela othulini.
25 Ngaphandle, inkemba iyobulala abantwana babo; +Ngaphakathi, abantu bathukile, +Kokubili insizwa nentombi,Usana kanye nendoda esimpunga. +
26 Ngangingathi: “Ngizobahlakaza;Ngizokwenza ukuba abantu bangabe besabakhumbula,”
27 Ukube nje ngangingakhathazekile ngokuthi isitha sizothini, +Ngoba abaphikisana nabo bangase bakuqonde kabi. +
Bangase bathi: “Sinqobe ngamandla ethu; +Akuyena uJehova owenze konke lokhu.”
28 Ngoba bayisizwe esingenangqondo,*Akukho ukuqonda phakathi kwabo. +
29 Ukube nje bebehlakaniphile! + Bebeyocabangisisa ngalokhu. +
Bebeyocabanga ngesiphetho sabo. +
30 Umuntu oyedwa angabaxosha kanjani abangu-1 000,Ababili babalekise abangu-10 000? +
Ngeke kwenzeke, ngaphandle uma iDwala labo libathengisile, +UJehova enikele ngabo.
31 Ngoba idwala labo alifani neDwala lethu, +Ngisho nezitha zethu seziyakwazi lokho. +
32 Banjengesihlahla samagilebhisi esivela eSodomaNasemasimini aseGomora. +
Amagilebhisi awo angamagilebhisi anobuthi,Amahlukuzo awo ayababa. +
33 Iwayini labo liyisihlungu sezinyoka,Ubuthi bezimfezi obunesihluku.
34 Angikwazi yini ukuziphatha kwaboOkugcinwe kahle enqolobaneni yami? +
35 Impindiselo ingeyami, nokubuyisela, +Ngesikhathi esimisiwe lapho unyawo lwabo lushelela, +Ngoba usuku abazokwehlelwa ngalo inhlekelele luseduze,Lokho okubalindele kuzofika ngokushesha.’
36 Ngoba uJehova uyokwahlulela abantu bakhe, +Uyozizwela* izinceku zakhe +Lapho ebona ukuthi amandla azo aphelile,Nokuthi kusele ezingenawo amandla okuzisiza nezibuthaka.
37 Uyothi, ‘Baphi onkulunkulu babo, +Idwala abafuna kulo isiphephelo,
38 Ababevame ukudla amanoni emihlatshelo yabo,*Ukuphuza iwayini leminikelo yabo ephuzwayo? +
Mabavuke banisize.
Mababe indawo yenu yesiphephelo.
39 Mina nginguNkulunkulu, +Abekho abanye onkulunkulu ngaphandle kwami. +
Ngiyabulala futhi ngiphilise. +
Ngiyalimaza + futhi ngizokwelapha, +Akekho ongasindisa noma ubani esandleni sami. +
40 Ngoba ngiphakamisela isandla sami ezulwini,Ngiyafunga ngithi: “Njengoba nakanjani ngizophila kuze kube phakade,” +
41 Uma ngilola inkemba yami ebenyezelayoNgizolungela ukwahlulela, +Ngizophindisela kwabaphikisana nami +Ngiphindisele kulabo abangizondayo.
42 Ngizodakisa imicibisholo yami ngegazi,Ngegazi lababulewe nezithunjwa.Inkemba yami izodla inyama,Namakhanda abaholi besitha.’
43 Thokozani nina zizwe kanye nesizwe sakhe, +Ngoba uyophindiselela igazi lezinceku zakhe, +Futhi uyophindisela kwabaphikisana naye +Alenzele isihlawulelo* izwe lesizwe sakhe.”
44 Ngakho uMose weza waphinde wawasho wonke amazwi ale ngoma kuzwa abantu, + yena noHosheya *+ indodana kaNuni.
45 Ngemva kokuba uMose eseqedile ukukhuluma wonke la mazwi kuwo wonke u-Israyeli,
46 wathi kuye: “Wafake enhliziyweni wonke amazwi engikuxwayisa ngawo namhlanje, + ukuze uyale abantwana bakho ukuba baqikelele ukuthi bawenza wonke amazwi alo Mthetho. +
47 Ngoba lawa akuwona amazwi angelona usizo kuwe kodwa awukuphila kwakho + futhi ngala mazwi ungaphila isikhathi eside ezweni owela iJordani ukuyolithatha.”
48 UJehova wakhuluma noMose ngalo lolu suku, wathi:
49 “Yenyukela kule ntaba yase-Abharimi, + iNtaba iNebo + esezweni lakwaMowabi, ebheke ngaseJeriko, ubone izwe laseKhanani engilinika ama-Israyeli njengefa. +
50 Ngemva kwalokho uzofela kule ntaba osuzoyenyuka, ungcwatshwe nabantu bakini,* njengoba nje no-Aroni umfowenu afela eNtabeni iHori + wangcwatshwa nabantu bakubo,
51 ngoba nobabili anithembekanga kimi phakathi kwama-Israyeli emanzini aseMeriba + laseKadeshi ehlane laseZini, ngenxa yokuthi aningingcwelisanga phambi kwama-Israyeli. +
52 Uzolibona leli zwe ukude, kodwa ngeke ungene ezweni engilinika isizwe sakwa-Israyeli.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “uhlanga lwesintu.”
^ Okuwukuthi, uJakobe.
^ Noma, “lensengetsha.”
^ NgesiHebheru, “Nangamafutha ezimvu.”
^ NgesiHebheru, “ngegazi.”
^ Incazelo: “Oqotho,” isiqu esihloniphisayo sika-Israyeli.
^ NgesiHebheru, “Ngizobafihlela ubuso bami.”
^ Noma, “isikhwele.”
^ Noma, “kweShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “nezilwane.”
^ Noma kungaba, “esingasizwa iseluleko.”
^ Noma, “Uyozidabukela.”
^ Noma, “imihlatshelo yabo yekhethelo.”
^ Noma, “Ahlanze.”
^ Igama langempela likaJoshuwa. Elithi Hosheya liyisifushaniso selithi Hoshaya, elisho ukuthi “Osindiswe UJah; UJah Usindisile.”
^ NgesiHebheru, “ubuthelwe kubantu bakini.” Lena inkulumo esankondlo emayelana nokufa.