Genesise 17:1-27
17 Lapho u-Abrama eneminyaka engu-99 ubudala, uJehova wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uMninimandla Onke. Hamba phambi kwami ungabi naphutha.*
2 Ngizokwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe + futhi ngiyokwandisa kakhulu impela.” +
3 U-Abrama waguqa wayesekhothama, uNkulunkulu waqhubeka ekhuluma naye, ethi:
4 “Mina, isivumelwano sami ngisenze nawe, + nakanjani uyoba ubaba wezizwe eziningi. +
5 Igama lakho ngeke kusathiwa u-Abrama,* kodwa kuzothiwa u-Abrahama,* ngoba ngiyokwenza ubaba wezizwe eziningi.
6 Ngiyokunika inzalo eningi kakhulu, ngiyokwenza ube izizwe, futhi kuyophuma amakhosi kuwe. +
7 “Ngiyosigcina isivumelwano sami phakathi kwami nawe + nenzalo* yakho kuzo zonke izizukulwane zayo kube isivumelwano saphakade, ukuze ngibe uNkulunkulu kuwe nasenzalweni* yakho.
8 Wena nenzalo* yakho ngiyoninika izwe enanihlala kulo njengezifiki—lonke izwe laseKhanani +—libe elenu unomphela futhi ngiyoba uNkulunkulu wayo.” +
9 UNkulunkulu waphinde wathi ku-Abrahama: “Kodwa wena kumelwe ugcine isivumelwano sami, wena nenzalo* yakho kuzo zonke izizukulwane zayo.
10 Nasi isivumelwano sami phakathi kwami nani, eniyosigcina wena nenzalo* yakho: Wonke umuntu wesilisa kini kumelwe asokwe. +
11 Kumelwe nisokwe, futhi lokho kuyosebenza njengophawu lwesivumelwano phakathi kwami nani. +
12 Kuzo zonke izizukulwane zenu, wonke umuntu wesilisa kini onezinsuku ezingu-8 ubudala kumelwe asokwe, + noma ubani ozelwe endlini yakho nanoma ubani ongeyona inzalo* yakho futhi othengwe ngemali kumuntu oyisifiki.
13 Wonke amadoda azelwe endlini yakho nawo wonke amadoda athengwe ngemali yakho kumelwe asokwe, + isivumelwano sami enyameni yenu kumelwe sisebenze njengesivumelwano saphakade.
14 Uma noma imuphi owesilisa ongasokile engeke alisike ijwabu lakhe, lowo muntu* kumelwe anqunywe* kubantu bakubo. Uphule isivumelwano sami.”
15 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi* + umkakho, ungambizi ngokuthi uSarayi, ngoba igama lakhe sekuzoba uSara.*
16 Ngiyombusisa futhi ngikunike indodana ngaye; + ngiyombusisa futhi uyoba yizizwe; amakhosi ezizwe ayovela kuye.”
17 U-Abrahama waguqa wakhothama futhi wahleka wathi enhliziyweni yakhe: + “Ingabe indoda eneminyaka engu-100 ubudala izozalelwa umntwana, futhi ingabe uSara, owesifazane oneminyaka engu-90 ubudala, uzozala?” +
18 Ngakho u-Abrahama wathi kuNkulunkulu weqiniso: “O kwangathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho!” +
19 UNkulunkulu wabe esethi: “Umkakho uSara nakanjani uzokuzalela indodana futhi kumelwe uyiqambe ngokuthi u-Isaka.* + Ngiyokwenza naye isivumelwano sami sibe isivumelwano saphakade enzalweni* yakhe. +
20 Kodwa ngokuqondene no-Ishmayeli ngikuzwile. Bheka! Ngiyombusisa futhi ngimenze azale ande kakhulu impela. Uyoveza izikhulu ezingu-12 futhi ngiyomenza abe isizwe esikhulu. +
21 Nokho, ngizokwenza isivumelwano sami no-Isaka, + uSara azokuzalela yena ngalesi sikhathi esibekiwe ngonyaka ozayo.” +
22 Lapho uNkulunkulu eqeda ukukhuluma naye, wenyuka esuka ku-Abrahama.
23 U-Abrahama wabe esethatha u-Ishmayeli indodana yakhe nawo wonke amadoda azelwe endlini yakhe nawo wonke umuntu ayemthenge ngemali, bonke abesilisa bomndeni ka-Abrahama wabasika ijwabu ngalo kanye lolo suku, njengoba nje uNkulunkulu ayekhulume naye. +
24 U-Abrahama wayeneminyaka engu-99 ubudala lapho esokwa. +
25 U-Ishmayeli, indodana yakhe, wayeneminyaka engu-13 ubudala lapho esokwa. +
26 Ngalo kanye lolo suku, u-Abrahama wasokwa kanye nendodana yakhe u-Ishmayeli.
27 Wonke amadoda omndeni wakhe, noma ubani ozelwe endlini yakhe nanoma ubani othengwe ngemali kumuntu oyisifiki, wasokwa kanye naye.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ungasoleki.”
^ Incazelo: “UBaba Uphakeme (Uphakanyisiwe).”
^ Incazelo: “UBaba Wesixuku; UBaba Wabaningi.”
^ NgesiHebheru, “nasembewini.”
^ NgesiHebheru, “nembewu.”
^ NgesiHebheru, “nembewu.”
^ NgesiHebheru, “nembewu.”
^ NgesiHebheru, “nembewu.”
^ NgesiHebheru, “imbewu.”
^ Noma, “mphefumulo.”
^ Noma, “abulawe.”
^ Kungenzeka lisho, “Othanda Umbango.”
^ Incazelo: “INkosazana.”
^ Incazelo: “Ukuhleka.”
^ NgesiHebheru, “embewini.”