Genesise 5:1-32
5 Lena yincwadi yomlando ka-Adamu. Mhla uNkulunkulu edala u-Adamu, wamenza wafana noNkulunkulu. +
2 Wabadala kwaba owesilisa nowesifazane. + Ngosuku abadalwa ngalo, + wababusisa futhi wabaqamba ngokuthi abaNtu.*
3 U-Adamu waphila iminyaka engu-130 wayesezala indodana efana naye, ewumfanekiso wakhe, wayiqamba ngokuthi uSeti. +
4 Ngemva kokuzala uSeti, u-Adamu waphila iminyaka engu-800. Wazala amadodana namadodakazi.
5 Sezizonke izinsuku zokuphila kuka-Adamu zaba iminyaka engu-930, wayesefa. +
6 USeti waphila iminyaka engu-105 wayesezala u-Enoshe. +
7 Ngemva kokuzala u-Enoshe, uSeti waphila iminyaka engu-807. Wazala amadodana namadodakazi.
8 Sezizonke izinsuku zikaSeti zaba iminyaka engu-912, wayesefa.
9 U-Enoshe waphila iminyaka engu-90 wayesezala uKhenani.
10 Ngemva kokuzala uKhenani, u-Enoshe waphila iminyaka engu-815. Wazala amadodana namadodakazi.
11 Sezizonke izinsuku zika-Enoshe zaba iminyaka engu-905, wayesefa.
12 UKhenani waphila iminyaka engu-70 wayesezala uMahalalele. +
13 Ngemva kokuzala uMahalalele, uKhenani waphila iminyaka engu-840. Wazala amadodana namadodakazi.
14 Sezizonke izinsuku zikaKhenani zaba iminyaka engu-910, wayesefa.
15 UMahalalele waphila iminyaka engu-65 wayesezala uJarede. +
16 Ngemva kokuzala uJarede, uMahalalele waphila iminyaka engu-830. Wazala amadodana namadodakazi.
17 Sezizonke izinsuku zikaMahalalele zaba iminyaka engu-895, wayesefa.
18 UJarede waphila iminyaka engu-162 wabe esezala u-Enoke. +
19 Ngemva kokuzala u-Enoke, uJarede waphila iminyaka engu-800. Wazala amadodana namadodakazi.
20 Sezizonke izinsuku zikaJarede zaba iminyaka engu-962, wayesefa.
21 U-Enoke waphila iminyaka engu-65 wayesezala uMethusela. +
22 Ngemva kokuzala uMethusela, u-Enoke waqhubeka ehamba noNkulunkulu weqiniso* iminyaka engu-300. Wazala amadodana namadodakazi.
23 Sezizonke izinsuku zika-Enoke zaba iminyaka engu-365.
24 U-Enoke waqhubeka ehamba noNkulunkulu weqiniso. + Ngemva kwalokho akabange esaba khona, ngoba uNkulunkulu wamthatha. +
25 UMethusela waphila iminyaka engu-187 wayesezala uLameka. +
26 Ngemva kokuzala uLameka, uMethusela waphila iminyaka engu-782. Wazala amadodana namadodakazi.
27 Sezizonke izinsuku zikaMethusela zaba iminyaka engu-969, wayesefa.
28 ULameka waphila iminyaka engu-182 wayesezala indodana.
29 Wayiqamba ngokuthi uNowa,* + ethi: “Lo uzosikhulula emsebenzini wethu nasezandleni zethu ezikhathele ngenxa yomhlabathi uJehova awuqalekisile.” +
30 Ngemva kokuzala uNowa, uLameka waphila iminyaka engu-595. Wazala amadodana namadodakazi.
31 Sezizonke izinsuku zikaLameka zaba iminyaka engu-777, wayesefa.
32 Ngemva kokuba uNowa ehlanganise iminyaka engu-500, wazala uShemi, + uHamu + noJafete. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “u-Adamu; isiNtu.”
^ NgesiHebheru, “noNkulunkulu.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Kungenzeka lisho, “Ukuphumula; Induduzo.”