Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UHezekeli

Izahluko

Okuphakathi

  • 1

    • UHezekeli ubona imibono kaNkulunkulu eBhabhiloni (1-3)

    • Umbono wenqola kaJehova yasezulwini (4-28)

      • Isiphepho, ifu nomlilo (4)

      • Izidalwa ezine eziphilayo (5-14)

      • Amasondo amane (15-21)

      • Umkhathi ocwebezela njengeqhwa (22-24)

      • Isihlalo sobukhosi sikaJehova (25-28)

  • 2

    • UHezekeli uthunywa njengomprofethi (1-10)

      • “Kungakhathaliseki ukuthi bayalalela noma cha” (5)

      • Waboniswa umqulu wezingoma zokulila (9, 10)

  • 3

    • UHezekeli kumele adle umqulu awunikwe uNkulunkulu (1-15)

    • UHezekeli kumele abe umlindi (16-27)

      • Ukunganaki kuholela ekubeni necala legazi (18-21)

  • 4

    • Kufanekiselwa ukuvinjezelwa kweJerusalema (1-17)

      • Icala liyothwalwa izinsuku ezingu-390 nezinsuku ezingu-40 (4-7)

  • 5

    • Kufanekiselwa ukuwa kweJerusalema (1-17)

      • Izinwele zomprofethi ezigundiwe zihlukaniswa zibe izingxenye ezintathu (1-4)

      • IJerusalema libi ngaphezu kwezinye izizwe (7-9)

      • Izindlela ezintathu okusingathwa ngazo abadlubulundayo (12)

  • 6

    • Ngokumelene nezintaba zakwa-Israyeli (1-14)

      • Izithixo ezinyanyekayo zizophihlizwa (4-6)

      • “Nizokwazi ukuthi nginguJehova” (7)

  • 7

    • Ukuphela kufikile (1-27)

      • Inhlekelele engavamile (5)

      • Imali iphonswa emigwaqweni (19)

      • Ithempeli lizongcoliswa (22)

  • 8

    • UHezekeli uyiswa eJerusalema ngombono (1-4)

    • Kubonakala izinto ezinengekayo ethempelini (5-18)

      • Abesifazane bakhalela uTamuzi (14)

      • Amadoda akhothamela ilanga (16)

  • 9

    • Ababulali abayisithupha nendoda yophondo lukayinki (1-11)

      • Ukwahlulela kuyoqala endlini engcwele (6)

  • 10

    • Kuthathwa umlilo phakathi kwamasondo (1-8)

    • Kuchazwa amakherubi namasondo (9-17)

    • Inkazimulo kaNkulunkulu iyasuka ethempelini (18-22)

  • 11

    • Izikhulu ezimbi ziyalahlwa (1-13)

      • Idolobha lifaniswa nebhodwe lokupheka (3-12)

    • Isithembiso sokubuyiselwa (14-21)

      • Banikezwa “umoya omusha” (19)

    • Inkazimulo kaNkulunkulu iyasuka eJerusalema (22, 23)

    • UHezekeli ubuyela eKhalideya ngombono (24, 25)

  • 12

    • Ukudingiswa kubikezelwa ngezenzo ezingokomfanekiso (1-20)

      • Umthwalo wasekudingisweni (1-7)

      • Isikhulu siyohamba ngobumnyama (8-16)

      • Isinkwa sokukhathazeka, amanzi okwesaba (17-20)

    • Isaga esikhohlisayo asibanga iqiniso (21-28)

      • “Engikushoyo kuyokwenziwa ngokushesha” (28)

  • 13

    • Ngokumelene nabaprofethi bamanga (1-16)

      • Izindonga ezicakiwe zizowa (10-12)

    • Ngokumelene nabaprofethikazi bamanga (17-23)

  • 14

    • Abakhonza izithombe bayalahlwa (1-11)

    • Ukwahlulelwa kweJerusalema akunakubalekelwa (12-23)

      • UNowa, uDaniyeli noJobe abalungile (14, 20)

  • 15

    • IJerusalema, isihlahla samagilebhisi esingenamsebenzi walutho (1-8)

  • 16

    • Ukuthanda kukaNkulunkulu iJerusalema (1-63)

      • Latholwa njengengane elahliwe (1-7)

      • UNkulunkulu uyalihlobisa, enze isivumelwano somshado nalo (8-14)

      • Alithembeki (15-34)

      • Liyahlulelwa njengesiphingi (35-43)

      • Liqhathaniswa neSamariya neSodoma (44-58)

      • UNkulunkulu ukhumbula isivumelwano sakhe (59-63)

  • 17

    • Isiphicaphicwano sezinkozi ezimbili nesihlahla samagilebhisi (1-21)

    • Isithombo esithambile siyoba umsedari omkhulu (22-24)

  • 18

    • Ngamunye uyozithwalela izono zakhe (1-32)

      • Umphefumulo owonayo uyokufa (4)

      • Indodana ngeke ibe necala ngenxa yesono sikayise (19, 20)

      • Angijabuli ngokufa komuntu omubi (23)

      • Ukuphenduka kulonda ukuphila (27, 28)

  • 19

    • Ingoma yokulila yezikhulu zakwa-Israyeli (1-14)

  • 20

    • Umlando wokudlubulunda kuka-Israyeli (1-32)

    • U-Israyeli uthenjiswa ukuthi uzobuyiselwa (33-44)

    • Isiprofetho ngokumelene neningizimu (45-49)

  • 21

    • Kukhishwa inkemba kaNkulunkulu yokwahlulela emgodleni wayo (1-17)

    • Inkosi yaseBhabhiloni iyohlasela iJerusalema (18-24)

    • Isikhulu esikhohlakele sakwa-Israyeli sizosuswa (25-27)

      • ‘Susa umqhele’ (26)

      • “Aze afike lowo onelungelo elingokomthetho” (27)

    • Inkemba imelene nabakwa-Amoni (28-32)

  • 22

    • IJerusalema, idolobha elinecala legazi (1-16)

    • U-Israyeli unjengodoti ongenamsebenzi (17-22)

    • Kulahlwa abaholi nabantu bakwa-Israyeli (23-31)

  • 23

    • Izelamani ezimbili ezingathembekile (1-49)

      • U-Ohola ne-Asiriya (5-10)

      • U-Oholiba neBhabhiloni neGibhithe (11-35)

      • Ukujeziswa kwezelamani ezimbili (36-49)

  • 24

    • IJerusalema linjengebhodwe lokupheka eligqwalile (1-14)

    • Ukufa komkaHezekeli kuwuphawu (15-27)

  • 25

    • Isiprofetho ngokumelene no-Amoni (1-7)

    • Isiprofetho ngokumelene noMowabi (8-11)

    • Isiprofetho ngokumelene no-Edomi (12-14)

    • Isiprofetho ngokumelene neFilistiya (15-17)

  • 26

    • Isiprofetho ngokumelene neThire (1-21)

      • “Igceke lokweneka amanetha okudoba” (5, 14)

      • Amatshe nenhlabathi kuphonswa emanzini (12)

  • 27

    • Ingoma yokulilela umkhumbi ocwilayo waseThire (1-36)

  • 28

    • Isiprofetho ngokumelene nenkosi yaseThire (1-10)

      • “Ngingunkulunkulu” (2, 9)

    • Ingoma yokulilela inkosi yaseThire (11-19)

      • “Wawuse-Edene” (13)

      • “Ikherubi eligcotshiwe eliyisivikelo” (14)

      • ‘Kwatholakala ukungalungi kuwe’ (15)

    • Isiprofetho ngokumelene neSidoni (20-24)

    • Kuzobuyiselwa u-⁠Israyeli (25, 26)

  • 29

    • Isiprofetho ngokumelene noFaro (1-16)

    • IGibhithe lizonikelwa eBhabhiloni libe imbuyiselo (17-21)

  • 30

    • Isiprofetho ngokumelene neGibhithe (1-19)

      • Kubikezelwa ukuhlasela kukaNebukhadinezari (10)

    • Kuqedwa amandla kaFaro (20-26)

  • 31

    • Ukuwa kweGibhithe, umsedari omkhulu (1-18)

  • 32

    • Ingoma yokulilela uFaro neGibhithe (1-16)

    • AbaseGibhithe bangcwatshwa nabangasokile (17-32)

  • 33

    • Imisebenzi yomlindi (1-20)

    • Izindaba ezimayelana nokuwa kweJerusalema (21, 22)

    • Umyalezo oya kubantu abasezindaweni ezibhuqiwe (23-29)

    • Abantu abawulaleli umyalezo (30-33)

      • UHezekeli “ufana nengoma yothando” (32)

      • “Bekukhona umprofethi phakathi kwabo” (33)

  • 34

    • Isiprofetho ngabelusi bakwa-Israyeli (1-10)

    • UJehova unakekela izimvu zakhe (11-31)

      • “Inceku yami uDavide” iyozelusa (23)

      • “Isivumelwano sokuthula” (25)

  • 35

    • Isiprofetho ngezintaba zaseSeyiri (1-15)

  • 36

    • Isiprofetho esimayelana nezintaba zakwa-Israyeli (1-15)

    • Ukubuyiselwa kuka-Israyeli (16-38)

      • “Ngizolingcwelisa igama lami elikhulu” (23)

      • “Selifana nensimu yase-Edene” (35)

  • 37

    • Umbono wesigodi samathambo omile (1-14)

    • Kuzohlanganiswa izinduku ezimbili (15-28)

      • Isizwe esisodwa ngaphansi kwenkosi eyodwa (22)

      • Isivumelwano sokuthula saphakade (26)

  • 38

    • UGogi uhlasela u-⁠Israyeli (1-16)

    • Ulaka lukaJehova ngoGogi (17-23)

      • ‘Izizwe ziyokwazi ukuthi nginguJehova’ (23)

  • 39

    • Ukubhujiswa kukaGogi namasosha akhe (1-10)

    • Ukungcwatshwa eSigodini SaseHamoni-Gogi (11-20)

    • Ukubuyiselwa kuka-Israyeli (21-29)

      • Umoya kaNkulunkulu uthululelwa phezu kuka-Israyeli (29)

  • 40

    • UHezekeli ulethwa kwa-Israyeli ngombono (1, 2)

    • UHezekeli ubona umbono wethempeli (3, 4)

    • Amagceke namasango (5-47)

      • Isango elingaphandle lasempumalanga (6-16)

      • Igceke elingaphandle; amanye amasango (17-26)

      • Igceke elingaphakathi namasango (27-37)

      • Amagumbi emisebenzi yasethempelini (38-46)

      • I-altare (47)

    • Umpheme wethempeli (48, 49)

  • 41

    • Igumbi eliNgcwele neliNgcwelengcwele lethempeli (1-4)

    • Udonga namagumbi asemaceleni (5-11)

    • Isakhiwo esisentshonalanga (12)

    • Kukalwa izakhiwo (13-15a)

    • Ingaphakathi legumbi eliNgcwele neliNgcwelengcwele (15b-26)

  • 42

    • Amagumbi okudlela (1-14)

    • Kukalwa izinhlangothi ezine zethempeli (15-20)

  • 43

    • Inkazimulo kaJehova igcwala ethempelini (1-12)

    • I-altare (13-27)

  • 44

    • Isango elisempumalanga liyohlale livaliwe (1-3)

    • Iziqondiso ezimayelana nabantu bakwezinye izizwe (4-9)

    • Iziqondiso zamaLevi nabapristi (10-31)

  • 45

    • Umnikelo ongcwele nedolobha (1-6)

    • Isabelo sesikhulu (7, 8)

    • Izikhulu kufanele zithembeke (9-12)

    • Iminikelo yabantu nesikhulu (13-25)

  • 46

    • Iminikelo yangezikhathi ezithile (1-15)

    • Ifa lendawo yesikhulu (16-18)

    • Izindawo zokubilisela iminikelo (19-24)

  • 47

    • Umfudlana ogeleza uvela ethempelini (1-12)

      • Amanzi aya ngokuya ejula (2-5)

      • Amanzi oLwandle Olufile enziwa abe mtoti (8-10)

      • Izindawo ezinamanzi amaningi azishintshi (11)

      • Izihlahla zokudla nokwelapha (12)

    • Imingcele yezwe (13-23)

  • 48

    • Ukuhlukaniswa kwezwe (1-29)

    • Amasango edolobha angu-12 (30-35)

      • Idolobha liqanjwa ngokuthi “uJehova Ulapho” (35)