U-Isaya 40:1-31
40 “Duduzani, duduzani abantu bami,” kusho uNkulunkulu wenu. +
2 “Khulumani nenhliziyo* yeJerusalemaLitsheleni ukuthi inkonzo yalo eyimpoqo isiphelile,Ukuthi icala lalo selikhokhelwe. +
Lithole inkokhelo egcwele* yazo zonke izono zalo esandleni sikaJehova.” +
3 Kukhona omemeza ehlane ethi:
“Lungisani indlela kaJehova! +
Yenzelani uNkulunkulu wethu umgwaqo omkhulu oqondile + onqamula ogwadule. +
4 Maziphakanyiswe zonke izigodi,Kwehliswe zonke izintaba namagquma.
Indawo eneziduli kumelwe yenziwe iqonde,Nemagebhugebhu ibe yithafa. +
5 Inkazimulo kaJehova iyokwambulwa, +Bonke abantu bayoyibona kanyekanye, +Ngoba umlomo kaJehova ukhulumile.”
6 Lalela! Othile uthi: “Memeza!”
Omunye uyabuza athi: “Ngimemeze ngithini?”
“Bonke abantu bawutshani obuluhlaza
Lonke uthando lwabo oluqotho lunjengembali yasendle. +
7 Utshani obuluhlaza buyoma,Imbali iyabuna, +Ngoba umoya kaJehova uvunguza phezu kwako. +
Ngokuqinisekile abantu bawutshani obuluhlaza.
8 Utshani obuluhlaza buyoma,Imbali iyabuna,Kodwa izwi likaNkulunkulu wethu lihlala kuze kube phakade.” +
9 Yenyukela entabeni ephakeme,Wena wesifazane olethela iZiyoni izindaba ezinhle. +
Phakamisa izwi lakho ngamandla,Wena wesifazane olethela iJerusalema izindaba ezinhle.
Liphakamise, ungesabi.
Yithi emadolobheni akwaJuda: “Nangu uNkulunkulu wenu.” +
10 Bheka! INkosi EnguMbusi uJehova iyoza ngamandla,Ingalo yayo iyobusa. +
Bheka! Iphethe umvuzo wayo,Nenkokhelo eyikhokhayo iphambi kwayo. +
11 Iyokwelusa* umhlambi wayo njengomalusi. +
Ngengalo yayo iyoqoqela ndawonye amawundlu,Iwagone esifubeni sayo.
Izindlezane* iyozihola ngesineke. +
12 Ngubani okale amanzi enkothweni* yesandla sakhe +Walinganisa* ububanzi bamazulu ngesandla* sakhe?
Wafaka esilinganisweni uthuli lomhlaba +Noma wakala izintaba ngesikaliNamagquma wawakala esikalini?
13 Ngubani okale* umoya kaJehova,Ngubani ongamfundisa abe umeluleki wakhe? +
14 Ngubani obonisane naye ukuze aqonde,Noma ngubani omfundisa indlela yobulungisa,Noma omfundisa ulwazi,Noma ombonisa indlela yokuqonda kwangempela? +
15 Bheka! Izizwe zinjengethonsi lamanzi eliphuma ebhakedeni,Zibhekwa njengongwengwezi lothuli esikalini. +
Bheka! Uphakamisa iziqhingi njengothuli olucolekile.
16 Ngisho nehlathi laseLebhanoni alanele ukugcina umlilo uvutha,*Nezilwane zalo zasendle azanele ukwenza umnikelo oshiswayo.
17 Zonke izizwe zinjengento engekho phambi kwakhe; +Uzibheka njengezingelutho, njengeziyize. +
18 Ningamqhathanisa nobani uNkulunkulu? +
Ningamfanisa nani? +
19 Ingcweti ibumba isithixo,*Osebenza ngensimbi usinameka ngegolide, +Wenza amaketanga esiliva.
20 Ukhetha isihlahla esizoba umnikelo, +Isihlahla esingeke sibole.
Uzifunela ingcweti enekhonoUkuze yenze isithombe esibaziwe esingeke siwe. +
21 Anazi yini?
Anikezwa yini?
Anizange yini nitshelwe kwasekuqaleni?
Anizange yini niqonde kusukela ekubekweni kwezisekelo zomhlaba? +
22 Ukhona Lowo ohlala ngaphezu kwembulunga ewumhlaba, *+Abahlala kuwo banjengezintethe.
Welula amazulu njengendwangu elula,Awendlale njengetende okuzohlalwa kulo. +
23 Wenza izikhulu eziphakeme zibe yinto engelutho,Enze abahluleli* bomhlaba babe yize.
24 Abakatshalwa,Abakahlwanyelwa,Isiqu sabo asikamili zimpande emhlabeni,Bayapheshulwa bese boma,Umoya ubaphephula njengezinhlanga. +
25 “Ningangifanisa nobani ukuze ngilingane naye?” kusho oNgcwele.
26 “Phakamiselani amehlo enu ezulwini nibone.
Ngubani odale lezi zinto? +
YiLowo okhipha ibutho lazo ngesibalo;Zonke uzibiza ngamagama. +
Ngenxa yamandla akhe amakhulu namangalisayo, +Ayikho neyodwa engekho endaweni yayo.
27 O Jakobe, kungani usho lokhu, O Israyeli, kungani umemezela uthi,‘Indlela yami ifihlekile kuJehova,UNkulunkulu akangibonisi ubulungisa’? +
28 Awazi yini? Awukezwa yini?
UJehova, uMdali wemikhawulo yomhlaba, unguNkulunkulu kuze kube phakade. +
Akakhathali noma aphelelwe amandla. +
Ukuqonda kwakhe akuphenyeki. *+
29 Unika okhathele amandlaAbanike amandla aphelele labo abangenamandla. +
30 Abafana bayokhathala baphelelwe amandla,Nezinsizwa ziyokhubeka ziwe,
31 Kodwa labo abathembele kuJehova bayothola amandla kabusha.
Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi. +
Bayogijima bangaphelelwa amandla;Bayohamba bangakhathali.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Duduzani inhliziyo.”
^ Noma, “inkokhelo ephindwe kabili.”
^ Noma, “Iyonakekela.”
^ Izimbuzi noma izimvu ezincelisayo.
^ Noma, “ngentende.”
^ Noma, “Wakala.”
^ Ibanga eliphakathi kwesithupha nocikicane uma isandla sivulekile. Bheka iSithasiselo B14.
^ Noma kungaba, “owuqondayo.”
^ Noma, “alinazo izinkuni ezanele.”
^ Noma, “isithombe esenziwe ngokuncibilikisiwe.”
^ Noma, “kwesiyingi somhlaba.”
^ Noma, “ababusi.”
^ Noma, “akuqondakali.”