IzAga 11:1-31
11 Isikali esinganembile* siyanengeka kuJehova,Kodwa isisindo esinembile siyamjabulisa. +
2 Lapho kufika ukugabadela, kuzolandela ihlazo, +Kodwa ukuhlakanipha kukwabanesizotha. +
3 Abaqotho baholwa ubuqotho babo, +Kodwa abakhohlisayo bayoshabalaliswa ubuqili babo. +
4 Ingcebo* ngeke izuzise ngosuku lolaka, +Kodwa ukulunga yikona okuyokhulula ekufeni. +
5 Ukulunga kongasoleki kwenza indlela yakhe iqonde,Kodwa omubi uyowa ngenxa yobubi bakhe. +
6 Ukulunga kwabaqotho kuyobakhulula, +Kodwa abakhohlisayo bayobanjwa izifiso zabo. +
7 Lapho umuntu omubi efa, ithemba lakhe liyashabalala;Namathemba asekelwe emandleni akhe ayashabalala. +
8 Olungile uyakhululwa osizini,Omubi angene esikhundleni sakhe. +
9 Ngomlomo wakhe, oyisihlubuki* uchitha umakhelwane wakhe,Kodwa abalungile bakhululwa ulwazi. +
10 Ubuhle babalungile benza idolobha lijabule,Futhi lapho ababi beshabalala, kuba khona ukukhamuluka kwenjabulo. +
11 Ngenxa yesibusiso sabaqotho idolobha liyaphakanyiswa, +Kodwa umlomo wababi uyalidiliza. +
12 Noma ubani ontula ukuhlakanipha* udelela* umakhelwane wakhe,Kodwa umuntu onokuqonda kwangempela uyathula. +
13 Umnyundeli uhambahamba embula indaba eyimfihlo, +Kodwa umuntu othembekile uyayigcina imfihlo.*
14 Lapho singekho isiqondiso esihlakaniphile,* abantu bayawa,Kodwa ngabeluleki abaningi kuba nempumelelo. *+
15 Noma ubani owenza isiqinisekiso sokuthi uzosikhokha isikweletu somuntu oyisihambi nakanjani kuyomhambela kabi, +Kodwa noma ubani okugwemayo* ukwenza isivumelwano* uyolondeka.
16 Owesifazane othandekayo* uzuza udumo, +Kodwa omashiqela bona bazuza ingcebo.
17 Umuntu onomusa* uzizuzisa yena, +Kodwa umuntu onesihluku uzilethela izinkinga. *+
18 Omubi uthola inkokhelo eyize, +Kodwa ohlwanyela ukulunga uthola umvuzo weqiniso. +
19 Okumela ngokuqinile ukulunga uyothola ukuphila, +Kodwa ojahana nokubi uzibizela ukufa.
20 Abanezinhliziyo eziyizigwegwe bayanengeka kuJehova, +Kodwa labo abandlela yabo ayisoleki bayamjabulisa. +
21 Qiniseka ngalokhu: Umuntu omubi ngeke ayekwe angajeziswa, +Kodwa izingane zabalungile ziyophunyuka.
22 Njengendandatho yegolide ekhaleni lengulubeUnjalo owesifazane omuhle owenqaba ukuhlakanipha.
23 Isifiso sabalungile siholela kokuhle, +Kodwa ithemba lababi libangela ulaka.
24 Umuntu upha ngokukhululekile agcine esenokuningi; +Omunye uyakugodla okufanele akuphe abanye, kodwa abe mpofu. +
25 Umuntu ophanayo uyochuma, *+Noma ubani owenza abanye baqabuleke naye uyoqabuleka. +
26 Abantu bayomqalekisa umuntu ogodla ukudla okusanhlamvu,Kodwa bayombusisa lowo okudayisayo.
27 Okhuthalele ukwenza okuhle ufuna umusa, +Kodwa othungatha okubi—yilokho okuyomehlela. +
28 Othembela engcebweni yakhe uyowa, +Kodwa abalungile bayokhephuzela njengamahlamvu. +
29 Noma ubani olethela indlu yakhe inkathazo* uyothola umoya, +Umuntu oyisiwula uyoba inceku yohlakaniphile enhliziyweni.
30 Izithelo zolungile ziyisihlahla sokuphila, +Nalowo ozuza imiphefumulo* uhlakaniphile. +
31 Uma olungile ethola umvuzo ngakwenzile emhlabeni,Kangakanani-ke ngomubi nesoni! +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “esikhohlisayo.”
^ Noma, “Izinto eziyigugu.”
^ Noma, “umuntu ongamesabi uNkulunkulu.”
^ NgesiHebheru, “oswele inhliziyo.”
^ Noma, “uzonda.”
^ NgesiHebheru, “uyayimboza indaba.”
^ Noma, “ukuqondisa okunekhono.”
^ Noma, “nensindiso.”
^ Okuwukuthi, isifungo.
^ NgesiHebheru, “okuzondayo.”
^ Noma, “omuhle.”
^ Noma, “onothando oluqotho.”
^ Noma, “ihlazo.”
^ NgesiHebheru, “uyokhuluphaliswa.”
^ Noma, “ihlazo.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.