IzAga 21:1-31
21 Inhliziyo yenkosi injengemifudlana yamanzi esandleni sikaJehova. +
Uyiqondisa noma kuphi lapho ethanda khona. +
2 Zonke izindlela zomuntu zibonakala zilungile kuye, +Kodwa uJehova uhlola izinhliziyo. *+
3 Ukwenza okulungile nokunobulungisaKumjabulisa kakhulu uJehova kunomhlatshelo. +
4 Amehlo azidlayo abantu ababi nenhliziyo yabo ezikhukhumezayoKuyisibani esikhanyisa indlela yabo futhi lezi zinto ziyisono. +
5 Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele, *+
Kodwa bonke abanamawala ngokuqinisekile bazifaka ekuhluphekeni. +
6 Ukuthola ingcebo ngokuqamba amangaKunjengenkungu eshabalalayo, ugibe olubulalayo. *+
7 Ubudlova babantu ababi buyobaqothula +Ngoba bayenqaba ukwenza ngobulungisa.
8 Indlela yomuntu onecala igwegwile,Kodwa imisebenzi yomuntu omsulwa iqotho. +
9 Kungcono ukuhlala echosheni lophahlaKunokuhlala endlini eyodwa nomfazi othanda ingxabano. *+
10 Omubi ufisa okubi; +Akambonisi umusa umakhelwane wakhe. +
11 Lapho umhleki wosulu ejeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha,Nalapho umuntu ohlakaniphile ethola ukuqondisisa, uthola ulwazi. *+
12 Olungile* uyayibona indlu yomubi;Wenza ababi behlelwe inhlekelele. +
13 Noma ubani ovala indlebe yakhe ukuze angakuzwa ukukhala komuntu ophansiNaye uyobiza angaphendulwa. +
14 Isipho esenziwa ekusithekeni sinciphisa intukuthelo, +Nesifumbathiso esikhishwa ekusithekeni* sidambisa ulaka oluvuthayo.
15 Kuyinjabulo kolungile ukwenza ubulungisa, +Kodwa kuyinto embi kulabo abenza okubi.
16 Umuntu ophambukayo endleleni yokuqondaUyophumula nabangenamandla ekufeni. +
17 Othanda ubumnandi* uyoba mpofu; +Othanda iwayini namafutha ngeke acebe.
18 Omubi uyisihlengo solungile,Nowenza ngokukhohlisa kuyothathwa yena esikhundleni soqotho. +
19 Kungcono ukuhlala ehlaneKunokuhlala nomfazi othanda ingxabano* nosheshe acasuke. +
20 Ingcebo eyigugu namafutha kutholakala endlini yomuntu ohlakaniphile, +Kodwa umuntu oyisiphukuphuku uyokusaphaza* lokho anakho. +
21 Noma ubani ophishekela ukulunga nothando oluqothoUyothola ukuphila, ukulunga nodumo. +
22 Ohlakaniphile wenyuka ngezindonga zedolobha* labanamandlaAqede amandla abathembele kuwo. +
23 Oqapha umlomo wakhe nolimi lwakheAkangeni ezinkingeni. +
24 Umuntu owenza ngokungacabangi, ophamazelayo kuthiwaUyagabadela, + uyazikhukhumeza futhi uyazazisa.
25 Lokho ivila elikufisayo kuyolibulala,Ngoba izandla zalo azifuni ukusebenza. +
26 Usuku lonke ngobugovu lihahela izinto ezengeziwe,Kodwa olungile uyapha, akagodli lutho. +
27 Umhlatshelo womubi uyanengeka. +
Kakhulu kangakanani-ke uma ewunikela ngezinhloso ezimbi.*
28 Ufakazi oqamba amanga uyoshabalala, +Kodwa umuntu olalelayo uyofakaza ngempumelelo.*
29 Umuntu omubi wenza abanye bacabange ukuthi unesibindi, +Kodwa yindlela yoqotho eqinisekile. *+
30 Akukho ukuhlakanipha, ukuqonda noma iseluleko esingamelana noJehova. +
31 Ihhashi lilungiselelwa usuku lwempi, +Kodwa insindiso ekaJehova. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “izisusa.”
^ Noma, “ayamzuzisa.”
^ Noma kungaba, “kulabo abafuna ukufa.”
^ Noma, “oyisicefe; obeleselayo.”
^ Noma, “uyakwazi okumelwe akwenze.”
^ Okuwukuthi, uNkulunkulu.
^ NgesiHebheru, “Nesifumbathiso esifubeni.”
^ Noma, “injabulo.”
^ Noma, “oyisicefe; obeleselayo.”
^ NgesiHebheru, “uyokugwinya.”
^ Noma, “unqoba idolobha.”
^ Noma, “ebe eziphatha ngokuhlazisayo.”
^ NgesiHebheru, “uyokhuluma kuze kube phakade.”
^ Noma, “ngoqotho owenza indlela yakhe iqiniseke.”