NgokukaLuka 22:1-71
-
Abapristi baceba ukubulala uJesu (1-6)
-
Amalungiselelo ePhasika lokugcina (7-13)
-
Ukusungulwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa (14-20)
-
‘Umuntu ozonginikela ukanye nami etafuleni’ (21-23)
-
Impikiswano eshubile ngokuthi ubani omkhulu (24-27)
-
Isivumelwano sikaJesu sombuso (28-30)
-
Ukuphika kukaPetru kuyabikezelwa (31-34)
-
Isidingo sokuma ngomumo; izinkemba ezimbili (35-38)
-
Umthandazo kaJesu eNtabeni Yeminqumo (39-46)
-
UJesu uyaboshwa (47-53)
-
UPetru uphika uJesu (54-62)
-
Kuhlekiswa ngoJesu (63-65)
-
Icala phambi kweSanhedrini (66-71)
22 UMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, obizwa ngokuthi iPhasika, + wawusondela. +
2 Abapristi abakhulu nababhali babefuna indlela ekahle yokumbulala, + ngoba babesaba abantu. +
3 USathane wangena kuJuda, okuthiwa u-Iskariyothe, owayengomunye wabayiShumi Nambili, +
4 wahamba wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna zethempeli ngokuthi wayezomnikela kanjani uJesu kubo. +
5 Kwabajabulisa kakhulu lokho futhi bavuma ukumnika imali yesiliva. +
6 Ngakho wavuma, waqala ukufuna ithuba elihle lokumkhaphela singekho isixuku eduze.
7 Lwafika usuku lweSinkwa Esingenamvubelo, okumelwe kwenziwe ngalo umhlatshelo wePhasika; +
8 ngakho uJesu wathuma uPetru noJohane, wathi: “Hambani nisilungisele iPhasika ukuze sidle.” +
9 Bathi kuye: “Ufuna sililungiselele kuphi?”
10 Wathi kubo: “Bhekani! Lapho ningena edolobheni nizohlangana nendoda ethwele imbiza yamanzi. Yilandeleni ningene endlini engena kuyo. +
11 Nithi kumninindlu, ‘UMfundisi uthi kuwe: “Liphi ikamelo lezimenywa engingadlela kulo iPhasika kanye nabafundi bami?” ’
12 Lowo muntu uzonibonisa ikamelo elikhulu eliphezulu elinefenisha. Lilungiseleni lapho.”
13 Ngakho bahamba bathola kunjengoba nje eshilo kubo, balungiselela iPhasika.
14 Lapho ihora lifika, wahlala etafuleni kanye nabaphostoli. +
15 Wathi kubo: “Bengifisa kakhulu ukulidla nani leli Phasika ngaphambi kokuba ngihlupheke;
16 ngoba ngiyanitshela, ngeke ngiphinde ngilidle lize ligcwaliseke eMbusweni kaNkulunkulu.”
17 Emukela indebe, wabonga wayesethi: “Thathani lokhu nidluliselane kona,
18 ngoba ngiyanitshela, kusukela manje kuqhubeke, ngeke ngisawuphuza umkhiqizo wamagilebhisi uze ufike uMbuso kaNkulunkulu.”
19 Wathatha nesinkwa, + wabonga, wasihlephula, wabanika sona, wathi: “Lokhu kusho umzimba wami + ozonikelwa ngenxa yenu. + Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” +
20 Wenza okufanayo nangendebe ngemva kokudla isidlo sakusihlwa, wathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha + esenziwa ngegazi lami, + elizothululwa ngenxa yenu. +
21 “Kodwa bhekani! Isandla somuntu ozonginikela sikanye nami etafuleni. +
22 Ngoba ngempela iNdodana yomuntu iyahamba njengoba nje kunqunyiwe; + noma kunjalo, maye kulowo muntu ekhashelwa ngenxa yakhe!” +
23 Ngakho baqala ukukhuluma bodwa ngokuthi ubani kubo ngempela okwakungaba nguye owayezokwenza lokhu. +
24 Nokho, kwaphakama impikiswano evuthayo phakathi kwabo ngokuthi ubani kubo owayebonakala emkhulu kunabo bonke. +
25 Kodwa wathi kubo: “Amakhosi ezizwe azenza izingqongqo phezu kwazo, nalabo abanegunya phezu kwazo babizwa ngokuthi aBenzi Bokuhle. +
26 Nokho, nina akumelwe nibe njalo. + Kodwa omkhulu kunani nonke makabe njengomncane kunani nonke, + nalowo oholayo abe njengokhonzayo.
27 Ngoba yimuphi omkhulu, yilowo odla* etafuleni noma yilowo okhonzayo? Akuyena yini lowo odla* etafuleni? Kodwa mina ngiphakathi kwenu njengalowo okhonzayo. +
28 “Nokho, nina aningishiyanga + ekulingweni kwami; +
29 ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano sombuso + nami,
30 ukuze nidle futhi niphuze etafuleni lami eMbusweni wami, + nihlale ezihlalweni zobukhosi + ukuze nahlulele izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli. +
31 “Simoni, Simoni, bheka! USathane uyanifuna ukuze nonke anihlunge njengokolweni. +
32 Kodwa wena ngikunxusele ukuba ukholo lwakho lungapheli; + wena, lapho nje usubuyile, uqinise abafowenu.” +
33 Yena wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe kokubili ejele nasekufeni.” +
34 Kodwa wathi: “Ngiyakutshela Petru, iqhude ngeke likhale namuhla kuze kube yilapho usuphike kathathu ukuthi uyangazi.” +
35 Wathi futhi kubo: “Lapho nginithuma ningenasikhwama semali nasikhwama sokudla nazimbadada, + anizange niswele lutho, akunjalo?” Bathi: “Kunjalo!”
36 Wabe esethi kubo: “Kodwa manje onesikhwama semali makasithathe, ngokufanayo nesikhwama sokudla, futhi ongenayo inkemba makathengise ingubo yakhe yangaphandle ayithenge.
37 Ngoba ngiyanitshela ngithi okulotshiwe kumelwe kufezeke kimi, okuwukuthi, ‘Wabalwa kanye nabangenamthetho.’ + Ngoba kuyagcwaliseka lokho okuphathelene nami.” +
38 Ngemva kwalokho bathi: “Nkosi, bheka! Nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.”
39 Lapho ephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengokujwayelekile, abafundi nabo bamlandela. +
40 Esefikile kuleyo ndawo wathi kubo: “Thandazani ningayeki, ukuze ningangeni esilingweni.” +
41 Waqhela kubo cishe ngebanga umuntu angaphonsa ngalo itshe, waguqa ngamadolo wathandaza,
42 wathi: “Baba, uma uthanda, susa le ndebe kimi. Noma kunjalo, makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” +
43 Ngemva kwalokho ingelosi evela ezulwini yabonakala kuye futhi yamqinisa. +
44 Kodwa ngendlela ayenomunyu ngayo, waqhubeka ethandaza ngobuqotho nakakhulu; + izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini.
45 Lapho esukuma ngemva kokuthandaza, waya kubafundi bakhe, wabathola belele, bekhathele ngenxa yosizi. +
46 Wathi kubo: “Nilaleleni? Vukani, nithandaze ningayeki, ukuze ningangeni esilingweni.” +
47 Esakhuluma, kwaqhamuka isixuku, siholwa umuntu okuthiwa uJuda, omunye wabayiShumi Nambili, waya kuJesu ukuze amqabule. +
48 Kodwa uJesu wathi kuye: “Juda, ingabe unikela ngeNdodana yomuntu ngokuyiqabula?”
49 Lapho labo ababeseduze naye bebona okwakuzokwenzeka, bathi: “Nkosi, sigalele yini ngenkemba?”
50 Omunye wabo waze ngisho wagalela inceku yompristi ophakeme, wayisusa indlebe yesokudla. +
51 Kodwa uJesu wathi: “Kwanele.” Wayithinta indlebe wayiphulukisa.
52 UJesu wabe esethi kubapristi abakhulu nasezinduneni zethempeli nasemadodeni amadala ababeze lapho kuye: “Ingabe nize nezinkemba nemishiza njengokungathi nizobopha isigebengu? +
53 Ngesikhathi nginani ethempelini usuku nosuku + anizange nibeke izandla zenu kimi. + Kodwa leli ihora lenu negunya lobumnyama.” +
54 Ngemva kwalokho bambopha, bamhola + bamngenisa endlini yompristi ophakeme; kodwa uPetru wayelandela ekude. +
55 Lapho bebasa umlilo phakathi negceke behlala phansi ndawonye, uPetru wayehlezi phakathi kwabo. +
56 Kodwa intombazane eyinceku, yambona ehlezi emlilweni, yambukisisa yathi: “Lo muntu naye ubekanye naye.”
57 Kodwa waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.”
58 Ngemva kwesikhashana omunye umuntu wambona wathi: “Nawe futhi ungomunye wabo.” Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angiyena.” +
59 Cishe ngemva kwehora, omunye umuntu waphikelela egomela ethi: “Impela lo muntu naye ubekanye naye, ngoba eqinisweni, ungowaseGalile!”
60 Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angiyazi le nto oyishoyo.” Ngaso leso sikhathi, esakhuluma, iqhude lakhala.
61 INkosi yaphenduka yambheka ngqo uPetru, uPetru wawakhumbula amazwi eNkosi lapho ithi kuye: “Ngaphambi kokuba iqhude likhale namuhla uzongiphika kathathu.” +
62 Waphumela ngaphandle wakhala kalusizi.
63 Amadoda ayebambe uJesu aqala ukuhlekisa ngaye, + emshaya; +
64 ngemva kokumboza ubuso bakhe, ayelokhu embuza ethi: “Profetha! Ubani okushayile?”
65 Asho nezinye izinto eziningi emhlambalaza.
66 Lapho kusa, umkhandlu wamadoda amadala abantu, kokubili abapristi abakhulu nababhali, wahlangana ndawonye, + wamyisa ehholo lawo leSanhedrini, uthi:
67 “Uma unguye uKristu, sitshele.” + Kodwa wathi kuwo: “Ngisho noma nginganitshela, ngeke nhlobo nikukholwe.
68 Ngaphezu kwalokho, uma benginganibuza, beningeke niphendule.
69 Nokho, kusukela manje kuqhubeke iNdodana yomuntu + izobe ihlezi esandleni sokudla sikaNkulunkulu esinamandla.” +
70 Ngemva kwalokho, onke athi: “Ngakho-ke, ingabe uyiNdodana kaNkulunkulu?” Wathi kuwo: “Nina ngokwenu nithi ngiyiyo.”
71 Athi: “Sisabudingelani obunye ubufakazi? Ngoba thina ngokwethu sikuzwe ngomlomo wakhe siqu.” +