UMalaki 3:1-18
3 “Bheka! Ngithuma isithunywa sami, siyolungisa indlela phambi kwami. + INkosi yeqiniso eniyifunayo iyofika kungazelelwe ethempelini layo; + nesithunywa sesivumelwano enijabula ngaso siyofika. Bheka! Iyofika nakanjani,” kusho uJehova wamabutho.
2 “Kodwa ngubani oyolukhuthazelela usuku lokufika kwayo, ngubani oyoma lapho ibonakala? Ngoba iyoba njengomlilo womcwengi nanjengensipho + yabahlanzi bezingubo.
3 Iyohlala njengomcwengi nanjengomhlanzi wesiliva, + ihlanze amadodana kaLevi; iyowacwenga njengegolide nanjengesiliva, futhi kuJehova ayoba ngabantu abaletha umnikelo wesipho ngokulunga.
4 Umnikelo wesipho kaJuda noweJerusalema uyojabulisa* kuJehova, njengasezinsukwini zakudala nanjengaseminyakeni yasendulo. +
5 “Ngiyoza kini ngenjongo yokwahlulela, ngiyoba ngufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, + iziphingi, abafunga amanga, + abaqola isisebenzi esiqashiwe + nomfelokazi nentandane, + nabenqaba ukusiza isifiki. *+ Laba abazange bangesabe,” kusho uJehova wamabutho.
6 “Ngoba nginguJehova; angishintshi. *+ Nina ningamadodana kaJakobe. Yingakho ningakapheli.
7 Kusukela ezinsukwini zokhokho benu niphambukile eziqondisweni zami futhi anizange nizigcine. + Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini,” + kusho uJehova wamabutho.
Nina nithi: “Sizobuya kanjani?”
8 “Umuntu nje angamqola yini uNkulunkulu? Kodwa nina niyangiqola.”
Kodwa nithi: “Sikuqole ngayiphi indlela?”
“Ngokweshumi nangeminikelo.
9 Niqalekisiwe* ngoba niyangiqola—yebo, isizwe sonke siyangiqola.
10 Kuletheni konke okweshumi enqolobaneni, + ukuze kube nokudla endlini yami; + ngicela ningivivinye kulesi sici,” kusho uJehova wamabutho, “ukuze nibone ukuthi ngeke yini nginivulele amasango asemazulwini + nginithululele isibusiso nize ningasweli lutho.” +
11 “Ngiyonikhuzela okushwabadelayo,* ngeke kusichithe isithelo sezwe lenu, nesihlahla samagilebhisi ensimini yenu ngeke singatheli,” + kusho uJehova wamabutho.
12 “Zonke izizwe ziyothi niyajabula, + ngoba izwe lenu liyoba yizwe lenjabulo,” kusho uJehova wamabutho.
13 “Amazwi eniwakhulume ngokumelene nami anendelelo,” kusho uJehova.
Nina nithi: “Yini esiyikhulume ngokumelene nawe?” +
14 “Nithi, ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu. + Kusisize ngani ukugcina izibopho zethu kuJehova wamabutho, nokudangala ngenxa yesono sethu?
15 Manje abantu abagabadelayo sibabheka njengabajabule. Abenza okubi bayaphumelela. + Bavivinya uNkulunkulu bengenamahloni futhi baphunyuke.’ ”
16 Ngaleso sikhathi abesaba uJehova bakhuluma yilowo nalowo nomngane wakhe, uJehova waqhubeka enakile futhi elalele. Kwabhalwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe + ngokuphathelene nalabo abesaba uJehova nalabo abacabanga* ngegama lakhe. *+
17 “Bayoba ngabami,” + kusho uJehova wamabutho, “mhla ngiveza impahla ekhethekile. *+ Ngiyobabonisa isihe, njengoba umuntu ebonisa indodana yakhe emkhonzayo isihe. +
18 Niyophinde niwubone umehluko phakathi komuntu olungile nomuntu omubi, + phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “uyoba ngowanelisayo.”
^ Noma, “nabagodlela isifiki amalungelo aso.”
^ Noma, “angizange ngishintshe.”
^ Noma kungaba, “Ngesiqalekiso niyangiqalekisa.”
^ Cishe kushiwo isishayo sezinambuzane.
^ Noma kungaba, “abaphatha igama lakhe njengeliyigugu.”
^ Noma, “abazindla.”
^ Noma, “eyigugu.”