ISIFUNDO 14
Kungani UNkulunkulu Enenhlangano?
1. Kungani uNkulunkulu ahlela ama-Israyeli aba isizwe?
UNkulunkulu wahlela inzalo yenzalamizi u-Abrahama yaba isizwe, wayinika imithetho. Wabiza leso sizwe ngokuthi “u-Israyeli” futhi wasiphathisa ukukhulekela kweqiniso nezwi lakhe. (IHubo 147:19, 20) Ngakho abantu bazo zonke izizwe bangazuza ku-Israyeli.—Funda uGenesise 22:18.
UNkulunkulu wakhetha ama-Israyeli ukuba abe ofakazi bakhe. Umlando wabo wasendulo usinika isibonelo sendlela abantu abazuza ngayo lapho belalela imithetho kaNkulunkulu. (Duteronomi 4:6) Ngakho, ngama-Israyeli, abanye babengase bamazi uNkulunkulu weqiniso.—Funda u-Isaya 43:10, 12.
2. Kungani amaKristu eqiniso ehlelwe aba inhlangano?
Ngokuhamba kwesikhathi, ama-Israyeli alahlekelwa umusa kaNkulunkulu, esikhundleni sawo uJehova wakhetha ibandla lobuKristu. (Mathewu 21:43; 23:37, 38) Manje, amaKristu eqiniso akhonza njengofakazi bakaJehova esikhundleni sama-Israyeli.—Funda izEnzo 15:14, 17.
UJesu wahlela abafundi bakhe ukuba bashumayele futhi benze abafundi ezizweni zonke. (Mathewu 10:7, 11; 24:14; 28:19, 20) Lo msebenzi usufinyelela umvuthwandaba wawo manje, ekupheleni kwalesi simiso sezinto. Kuyaqala emlandweni ukuba uJehova ahlanganise izigidi zabantu ezivela kuzo zonke izizwe ekukhulekeleni kweqiniso. (IsAmbulo 7:9, 10) AmaKristu eqiniso ahlelwe aba inhlangano ukuze akhuthazane futhi asizane. Emhlabeni kabanzi, athola imfundo yeBhayibheli efanayo emihlanganweni yawo.—Funda eyamaHebheru 10:24, 25.
3. Yaqala kanjani inhlangano yanamuhla yoFakazi BakaJehova?
Ngawo-1870 iqembu elincane labafundi beBhayibheli laqala ukuthola amaqiniso eBhayibheli okwase kuyisikhathi eside engasaziwa. Babazi ukuthi uJesu wayehlele ibandla lobuKristu ukuba lishumayele, ngakho baqala umkhankaso wokushumayela ngoMbuso emhlabeni. Ngo-1931 bamukela igama elithi oFakazi BakaJehova.—Funda izEnzo 1:8; 2:1, 4; 5:42.
4. OFakazi BakaJehova bahlelwe kanjani?
Ngekhulu lokuqala, amabandla obuKristu emazweni amaningi ayezuza endikimbeni ebusayo eyayiqaphela ukuthi uJesu uyiNhloko yebandla. (IzEnzo 16:4, 5) Nanamuhla, oFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba bayazuza eNdikimbeni Ebusayo eyakhiwa abadala abangomakad’ ebona. INdikimba Ebusayo iqondisa ukusebenza kwamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova ahumusha, anyathelise futhi asakaze izincwadi zokufunda iBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-600. Ngenxa yalokho, ikwazi ukunikeza amabandla angaphezu kuka-100 000 emhlabeni izikhuthazo neziqondiso ezingokomBhalo. Ebandleni ngalinye, amadoda afanelekayo akhonza njengabadala noma ababonisi. La madoda anakekela umhlambi kaNkulunkulu ngothando.—Funda eyoku-1 Petru 5:2, 3.
OFakazi BakaJehova bahlelelwe ukuba bashumayele izindaba ezinhle futhi benze abafundi. Njengabaphostoli, nathi siya endlini ngendlu. (IzEnzo 20:20) Siphinde sicele ukuqhubela abathanda iqiniso izifundo zeBhayibheli. Kodwa oFakazi BakaJehova abayona nje inhlangano. Singumkhaya onoBaba onothando. Sinjengezingane zandawonye ezikhathalelanayo. (2 Thesalonika 1:3) Njengoba abantu bakaJehova behlelelwe ukuba bajabulise uNkulunkulu nabanye, bakha umkhaya ojabula kunayo yonke emhlabeni.—Funda iHubo 33:12; IzEnzo 20:35.