ISIFUNDO 3
Ingabe Izindaba Ezinhle Zivela KuNkulunkulu Ngempela?
1. Ubani uMlobi weBhayibheli?
Izindaba ezinhle ezithi abantu bayophila phakade emhlabeni zilotshwe eBhayibhelini. (IHubo 37:29) IBhayibheli lakhiwa izincwadi ezincane ezingu-66. Zalotshwa amadoda athembekile angu-40 esetshenziswa uNkulunkulu. Izincwadi ezinhlanu zokuqala zalotshwa uMose eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule. Incwadi yokugcina yalotshwa umphostoli uJohane eminyakeni engaphezu kwengu-1 900 edlule. Abalobi beBhayibheli babhala imicabango kabani? UNkulunkulu wakhuluma nabo esebenzisa umoya wakhe ongcwele. (2 Samuweli 23:2) Baloba imicabango kaNkulunkulu, hhayi eyabo. Ngakho nguJehova onguMlobi weBhayibheli.—Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16; 2 Petru 1:20, 21.
Bukela ividiyo ethi Ngubani Umlobi WeBhayibheli?
2. Singaqiniseka kanjani ukuthi iBhayibheli lineqiniso?
Siyazi ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ngoba elikubikezelayo kwenzeka njengoba lishilo. Akekho umuntu ongenza lokho. (Joshuwa 23:14) NguNkulunkulu uMninimandla onke kuphela ongabikezela ikusasa lesintu ngokunembile.—Funda u-Isaya 42:9; 46:10.
Silindele ukuba incwadi evela kuNkulunkulu yehluke kwezinye, futhi iBhayibheli lihlukile. Kuye kwasakazwa amakhophi alo ayizinkulungwane eziyizigidi ngezilimi eziningi. Nakuba liyincwadi yakudala, liyavumelana nesayensi. Okunye futhi, abalobi balo abangu-40 abaphikisani. * IBhayibheli liphinde libe ubufakazi bothando lukaNkulunkulu, futhi lisenamandla okuguqula ukuphila kwabantu. La maqiniso anikeza izigidi zabantu ubufakazi bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu.—Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13.
Bukela ividiyo ethi Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso?
3. Likhuluma ngani iBhayibheli?
Ngokuyinhloko iBhayibheli likhuluma ngezindaba ezinhle zokuthi uNkulunkulu unenjongo enhle ngomhlaba. ImiBhalo ichaza indlela umuntu alahlekelwa ngayo ilungelo lokuphila epharadesi emhlabeni ekuqaleni komlando wesintu nokuthi ipharadesi liyobuyiselwa kanjani.—Funda isAmbulo 21:4, 5.
IZwi likaNkulunkulu liphethe nemithetho, izimiso nezeluleko. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli linomlando wendlela uNkulunkulu ayesebenzelana ngayo nabantu—umlando osivezela ubuntu bakhe. Ngakho iBhayibheli lingakusiza wazi uNkulunkulu. Lichaza indlela yokuba umngane wakhe.—Funda iHubo 19:7, 11; Jakobe 2:23; 4:8.
4. Ungaliqonda kanjani iBhayibheli?
Le ncwajana izokusiza ukuba uqonde iBhayibheli ngokusebenzisa indlela efana neyayisetshenziswa uJesu. Wayecaphuna imiBhalo, abese echaza ‘okushiwo [yileyo] miBhalo.’—Funda uLuka 24:27, 45.
Zimbalwa izinto ezijabulisa njengezindaba ezinhle ezivela kuNkulunkulu. Noma kunjalo, abanye abanandaba nazo, kanti abanye ziyabacasula. Kodwa ungapheli amandla. Ithemba lakho lokuthola ukuphila okuphakade lixhomeke ekwazini kwakho uNkulunkulu.—Funda uJohane 17:3.
^ par. 3 Bheka incwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu.