ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUBHEKANA NOSIZI LAPHO WEHLELWA INHLEKELELE
Lapho Wehlelwa Inhlekelele
CISHE wonke umuntu uyabhekana nohlobo oluthile lwenhlekelele. Lokhu kuhlanganisa nabantu ababonakala benakho konke.
IBHAYIBHELI LITHI:
“Ukuphumelela umncintiswano akuyi ngabanejubane, noma impi ngabanamandla, noma ukudla ngabahlakaniphileyo, noma ingcebo, ngabaqondayo, ngisho nalabo abanolwazi abawutholi umusa; ngoba isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.”—UmShumayeli 9:11.
Khona-ke, umbuzo awukona ukuthi uyobhekana yini nesehlakalo esithile, kodwa uwukuthi uyokwenzenjani lapho sikwehlela. Ngokwesibonelo:
Uyokwenzenjani uma ulahlekelwa yikho konke onakho enhlekeleleni yemvelo?
Uyokwenzenjani uma kutholakala ukuthi unesifo esibeka ukuphila kwakho engozini?
Uyokwenzenjani uma ushonelwa umuntu omthandayo?
OFakazi BakaJehova, abangabanyathelisi balo magazini, bakholelwa ukuthi iBhayibheli lingakusiza hhayi nje kuphela ngendlela ongabhekana ngayo nenhlekelele, kodwa nangendlela yokuthola isisekelo esiqinile sethemba. (Roma 15:4) Cabangela izibonelo zabantu abathathu ezibonisa indlela ongakwenza ngayo lokhu.