Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Njengoba nje usomabhizinisi esebenzisa unobhala wakhe ukuba ambhalele okuthile, uNkulunkulu wasebenzisa abantu abathile abathembekile ukuba babhale imiBhalo Engcwele

Indlela UMdali Azembula Ngayo Izithembiso Zakhe Zothando

Indlela UMdali Azembula Ngayo Izithembiso Zakhe Zothando

Kusukela ekudalweni kwabantu, uMdali wethu ubelokhu exhumana nabo esebenzisa izingelosi nabaprofethi. Ngaphezu kwalokho, wanquma ukuba umyalezo wakhe nezithembiso zekusasa kubhalwe phansi. Lezi zithembiso ezivela kuNkulunkulu ziyalithinta ikusasa lakho. Ungazitholaphi-ke izithembiso zikaNkulunkulu namuhla?

Umyalezo esiwubhalelwe uNkulunkulu utholakala emiBhalweni Engcwele. (2 Thimothewu 3:16) UNkulunkulu wabasebenzisa kanjani abaprofethi ukuba babhale umyalezo wakhe? (2 Petru 1:21) UNkulunkulu wafaka imicabango yakhe ezingqondweni zabo, bona bayibhala phansi. Kuyefana nanamuhla. Singenza isibonelo ngosomabhizinisi ocela unobhala wakhe ukuba ambhalele umyalezo, lowo myalezo siwubheka njengovela kusomabhizinisi. Ngokufanayo, nakuba uNkulunkulu asebenzisa abantu ukuba babhale umyalezo ovela kuye, nguye onguMbhali wangempela wemiBhalo Engcwele.

IZWI LIKANKULUNKULU LITHOLAKALA KUYO YONKE INDAWO

Umyalezo kaNkulunkulu ubaluleke kangangokuba ufuna bonke abantu bawufunde futhi bawuqonde. Namuhla ‘izindaba ezinhle zaphakade’ ezivela kuNkulunkulu ziyatholakala ‘kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi.’ (IsAmbulo 14:6) Ngosizo lukaNkulunkulu, le miBhalo Engcwele iyatholakala iphelele noma iyingxenye ngezilimi ezingaphezu kuka-3 000, ukwedlula noma iyiphi enye incwadi emhlabeni.