Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imishado Ehloniphekayo Phambi KukaNkulunkulu Nabantu

Imishado Ehloniphekayo Phambi KukaNkulunkulu Nabantu

Imishado Ehloniphekayo Phambi KukaNkulunkulu Nabantu

“Kwaba khona idili lomshado eKhana . . . UJesu nabafundi bakhe nabo babemenyiwe kulelo dili lomshado.”—JOHANE 2:1, 2.

1. Indaba kaJesu eseKhana ibonisani?

UJESU, unina nabanye babafundi bakhe babeyazi injabulo engaba khona emshadweni ohloniphekile wabantu bakaNkulunkulu. UKristu waze wenza omunye umshado waba ovelele ngokwenza isimangaliso sakhe sokuqala esilotshwe eBhayibhelini, wanezela enjabulweni yalowo mcimbi. (Johane 2:1-11) Kungenzeka wake wakujabulela ukuba semishadweni yamaKristu afuna ukukhonza uJehova njengombhangqwana ojabulayo. Noma, kungenzeka ubheke phambili ekubeni nomshado onjalo ngokwakho noma ekusizeni umngane ukuba umshado wakhe ube impumelelo. Yini engasiza?

2. IBhayibheli linakuphi ukwaziswa mayelana nemishado?

2 AmaKristu aye athola ukuthi iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe siwusizo kakhulu lapho indoda nowesifazane behlela ukushada. (2 Thimothewu 3:16, 17) Yiqiniso, iBhayibheli alisho ukuthi umshado wamaKristu kumelwe uqhutshwe kanjani. Lokho kuyaqondakala ngoba izinkambiso ngisho nezimfuneko zomthetho ziyahlukahluka kuye ngendawo nesikhathi. Ngokwesibonelo, kwa-Israyeli wasendulo yayingekho imidanti yokubhaliswa komshado. Ngosuku lomshado, umkhwenyana wayeletha umakoti wakhe emzini wakhe noma emzini kayise. (Genesise 24:67; Isaya 61:10; Mathewu 1:24) Lesi senzo sasobala sasiba yiwona mshado, ingabi khona imidanti yokubhalisa evame ukuba khona emishadweni eminingi namuhla.

3. Imuphi umcimbi uJesu anandisa kuwo eKhana?

3 Ama-Israyeli ayebheka leso senzo njengomshado. Ngemva kwalokho, ayengase abe nedili lokuhalalisa, njengalelo elishiwo kuJohane 2:1. Izinguqulo eziningi zeBhayibheli zihumusha lelo vesi ngamazwi anjengokuthi: “Kwakukhona umshado eKhana.” Kodwa igama lolimi lokuqala lihunyushwa ngokunembile ngokuthi “idili lomshado.” * (Mathewu 22:2-10; 25:10; Luka 14:8) Ukulandisa kwenza kucace ukuthi umcimbi uJesu ayekuwo futhi wanandisa kuwo kwakuyidili elihlobene nomshado wesiJuda. Nokho, iphuzu elibalulekile ukuthi lokho okwakuwumshado ngaleso sikhathi kuhlukile kulokho okujwayelekile namuhla.

4. Hlobo luni lomshado amanye amaKristu akhetha ukuba nawo, futhi ngani?

4 Emazweni amaningi namuhla, amaKristu afuna ukushada kumelwe ahlangabezane nezimfuneko ezithile ezingokomthetho. Ngemva kwalokho, angase ashade nganoma iyiphi indlela eyamukelwa umthetho. Lokho kungaba ukubhalisa okungenamidanti okwenziwa yijaji, imeya, noma isikhonzi senkolo esigunyazwe uhulumeni. Abanye bakhetha ukushada kanjalo, mhlawumbe bacele izihlobo ezimbalwa noma abangane abangamaKristu ukuba babe khona njengofakazi abangokomthetho noma nje ukuba bazojabula kanye nabo kulesi senzakalo esibalulekile. (Jeremiya 33:11; Johane 3:29) Ngokufanayo, amanye amaKristu angase akhethe ukungabi nalo idili lomshado elikhulu elingadinga ukuhlela nezindleko ezinkulu. Kunalokho, angase ahlele ukuba nesidlo nabangane abaseduze kuphela. Kungakhathaliseki ukuthi thina sikhethani kulokhu, kufanele siqaphele ukuthi amanye amaKristu avuthiwe angase abe nemibono ehlukile kweyethu.—Roma 14:3, 4.

5. Kungani amaKristu amaningi efuna kube nenkulumo yomshado lapho eshada, futhi le nkulumo ifezani?

5 Imibhangqwana yamaKristu eminingi ikhetha ukuba kube nenkulumo esekelwe eBhayibhelini emishadweni yayo. * Iyaqaphela ukuthi nguJehova owasungula umshado futhi eZwini lakhe unikeza izeluleko ezihlakaniphile mayelana nendlela yokwenza umshado uphumelele futhi ujabulise. (Genesise 2:22-24; Marku 10:6-9; Efesu 5:22-33) Iningi lemibhangqwana lifuna ukujabula kanye nabangane nezihlobo ezingamaKristu kulesi senzakalo. Nokho, kufanele sizibheke kanjani izimfuneko zomthetho, izinqubo ngisho nezinkambiso zendawo eziningi ezihlukahlukene ezikhona? Lesi sihloko sizokhuluma ngezimo zasezindaweni ezingafani. Ezinye zingase zihluke kakhulu kulokho okwaziyo noma okwenziwa endaweni yakini. Nokho, ungaphawula izimiso noma izici ezithile ezifanayo ezibalulekile ezincekwini zikaNkulunkulu.

Umshado Ohloniphekayo Ngumshado Osemthethweni

6, 7. Kungani kufanele sibe nesithakazelo ezicini ezingokomthetho zokushada, futhi singakubonisa kanjani lokhu?

6 Nakuba kunguJehova owasungula umshado, ohulumeni babantu bayakulawula ngezinga elithile okwenziwa yilabo abashadayo. Kuyafaneleka lokhu. UJesu wathi: “Buyiselani okukaKhesari kuKhesari, kodwa okukaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Marku 12:17) Ngokufanayo, umphostoli uPawulu wayala: “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme, ngoba akukho gunya elikhona kungengoNkulunkulu; amagunya akhona ami ezikhundleni zawo ezilinganiselwe ebekwe nguNkulunkulu.”—Roma 13:1; Thithu 3:1.

7 Emazweni amaningi, ukuthi obani abafanelekela ukushada kunqunywa uKhesari noma iziphathimandla zikahulumeni. Ngakho, lapho amaKristu amabili akhululekile ngokwemiBhalo ukushada enquma ukushada, awugcina ngobuqotho umthetho walelo zwe. Lokhu kungase kuhilele ukuthola incwadi yomshado, ukusebenzisa umshadisi ogunyazwe uhulumeni, mhlawumbe nokubhalisa umshado osewenziwe. Lapho uKhesari Awugustu efuna ukuba ‘kubhaliswe,’ uMariya noJosefa benza kanjalo, baya eBhetlehema ‘ukuze babhaliswe.’—Luka 2:1-5.

8. Umshado ubabopha kangakanani oFakazi BakaJehova, futhi iyiphi inkambiso yabo ebonisa lokho kuqonda?

8 Lapho amaKristu amabili eshada ngendlela esemthethweni neqashelwayo, lokho kuyawabopha phambi kukaNkulunkulu. Ngakho, oFakazi BakaJehova abawuphindi umshado ngokubhalisa kaningi, futhi abazivuseleli izifungo, njengalapho umbhangqwana uhlanganisa iminyaka engu-25 noma engu-50 ushadile. (Mathewu 5:37) (Amanye amasonto akushaya indiva ukubhaliswa komshado ehhovisi likahulumeni, athi usuke ungewona ngempela umshado uma kungabanga nompristi noma umfundisi oshadisayo noma omemezela ukuthi abashadayo sebeyindoda nomfazi, yize lowo mshado wamukeleka ngokomthetho.) Emazweni amaningi, uhulumeni ugunyaza isikhonzi esinguFakazi kaJehova ukuba sishadise. Cishe lesi sikhonzi siyothanda ukuthi, uma kungenzeka, sishadisele eHholo LoMbuso futhi kubekwe nenkulumo yomshado. Liyisikhungo sokukhulekela kweqiniso endaweni futhi liyindawo efanelekayo yenkulumo ephathelene naleli lungiselelo elasungulwa uJehova uNkulunkulu.

9. (a) Lapho umbhangqwana wamaKristu ushadela ehhovisi likahulumeni, yini ongase ukhethe ukuyenza? (b) Abadala bangase bahileleke kanjani ezinhlelweni zomshado?

9 Kwamanye amazwe, umthetho uthi kumelwe abantu bashadele ehhovisi likahulumeni, njengasehholo ledolobha, noma phambi komshadisi ogunyazwe uhulumeni. Ngokuvamile, amaKristu akhetha ukuba nenkulumo yomshado eHholo LoMbuso ngemva nje kwaleso sinyathelo esingokomthetho, ngosuku olufanayo noma ngakusasa. (Ngeke athande ukuba inkulumo esekelwe eBhayibhelini ibe ngemva kwezinsuku eziningi ngemva kokubhalisa umshado, ngoba aseshadile phambi kukaNkulunkulu nabantu, kuhlanganise nebandla lobuKristu.) Uma umbhangqwana ozoshadela ehhovisi likahulumeni ufisa ukuba nenkulumo eHholo LoMbuso elithile, kufanele ucele imvume kusengaphambili kubadala abakha iKomiti Yenkonzo Yebandla. Ngaphandle kokuqiniseka ukuthi lo mbhangqwana unedumela elihle, laba babonisi bayoqiniseka nokuthi isikhathi somshado ngeke siphazamise imihlangano evamile nezinhlelo zakulelo hholo. (1 Korinte 14:33, 40) Bayoxoxa nganoma imaphi amalungiselelo umbhangqwana ongase ucele ukuwenza ehholo, banqume nokuthi siyokwenziwa yini isaziso sokuthi liyobe lisetshenziswa.

10. Uma umshado kumelwe ubhaliswe ehhovisi likahulumeni, inkulumo yomshado iyothinteka kanjani?

10 Umdala onikeza inkulumo yomshado uyolwela ukuyenza ifudumale, yakhe ngokomoya futhi ibe nesizotha. Uma umbhangqwana uqale ngokushadela ehhovisi likahulumeni, lo mdala uyokwenza kucace ukuthi sebeshadile ngokomthetho kaKhesari. Uma bengazenzanga izifungo kulowo mshado, bangase bathande ukuzenza ngesikhathi senkulumo. * Uma bezenzile kodwa befuna ukuzisho phambi kukaJehova nebandla, bayozisho besebenzisa inkathi edlule, bebonisa ukuthi ‘sebeboshelwe ndawonye’ kakade.—Mathewu 19:6; 22:21.

11. Ezindaweni ezithile, umbhangqwana ushada kanjani, futhi inkulumo yomshado ithinteka kanjani?

11 Kwezinye izindawo, kungase kungabi yimfuneko engokomthetho ukulandela imidanti yokubhalisa umshado, ngisho nokushadiswa umshadisi ogunyazwe uhulumeni. Kushadwa ngokuhambisa ifomu lokubhalisa umshado elisayiniwe esikhonzini sikahulumeni. Ngemva kwalokho, benzelwa isitifiketi somshado. Abashadayo babe sebebhekwa njengendoda nomfazi, usuku olusesitifiketini kube yilona suku lomshado. Njengoba kushiwo ngenhla, umbhangqwana oshada ngale ndlela ungase uthande ukuba ngemva nje kokubhalisa ube nenkulumo esekelwe eBhayibhelini eHholo LoMbuso. Umzalwane ovuthiwe ngokomoya oyobe ebeka inkulumo uyokwazisa bonke abakhona ukuthi lo mbhangqwana usanda kushada ngokubhalisa umshado wawo. Noma iziphi izifungo ziyokwenziwa ngokuvumelana nalokho okushiwo esigabeni 10 nasembhalweni waso waphansi. Abakhona eHholo LoMbuso bayojabula kanye nalowo mbhangqwana futhi bazuze eselulekweni seZwi likaNkulunkulu esiyonikezwa.—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 3:11.

Imishado Engokwesiko Nemishado Yasehhovisi Likahulumeni

12. Uyini umshado ongokwesiko, futhi kutuswa ukuba kwenziweni ngemva kwawo?

12 Kwamanye amazwe, imibhangqwana ishada ngendlela esingayibiza ngokuthi umshado ongokwesiko. Lokhu akusho ukukipita futhi akusho umshado wesintu ongase uqashelwe ngezinga elithile ezindaweni ezithile kodwa ube ungewona umshado ongokomthetho ngokugcwele. * Sikhuluma ngomshado owenziwa ngokwenkambiso eqashelwayo esizweni noma endaweni ethile. Ungase uhilele ukukhishwa nokwamukelwa kwalo lonke ilobolo, okuyikho okwenza umbhangqwana ube oshadile ngokomthetho nangokomBhalo. Uhulumeni ubheka lowo mshado ongokwesiko njengosebenzayo, osemthethweni noyisibopho. Ngemva kwalokho, ngokuvamile lo mshado ongokwesiko ungabhaliswa bese umbhangqwana uthola isitifiketi esingokomthetho. Ukubhalisa kungavikela umbhangqwana noma inkosikazi kanye nezingane ezingase zizalwe, uma kwenzeka indoda ishona. Ibandla liyokhuthaza noma ibaphi abashada ngokwesiko ngale ndlela ukuba babhalise umshado wabo ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ngokuthakazelisayo, kubonakala sengathi ngaphansi koMthetho KaMose, imishado nokuzalwa kwezingane kwakubhalwa phansi.—Mathewu 1:1-16.

13. Ngemva komshado ongokwesiko, yini eyofaneleka ngokuqondene nenkulumo yomshado?

13 Umbhangqwana oshada ngokomthetho ngale ndlela engokwesiko uba indoda nenkosikazi lapho ushada. Njengoba kushiwo ngenhla, amaKristu ashada ngokomthetho ngale ndlela angase athande ukuba nenkulumo yomshado nokwenza izifungo zomshado eHholo LoMbuso. Uma kwenziwa kanjalo, isikhulumi siyosho ukuthi lo mbhangqwana usushadile kakade ngokuvumelana nemithetho kaKhesari. Iyoba yinye kuphela inkulumo yomshado. Uba munye umshado, kulokhu umshado ongokwesiko owamukelekayo ngokomthetho, futhi iba yinye inkulumo engokomBhalo. Ukwenza lokhu okubili kusondelane ngangokunokwenzeka, kube ngosuku olulodwa uma kungenzeka, kusiza ekwenzeni umshado wamaKristu uhlonipheke emphakathini.

14. Yini umKristu angase ayenze uma kukhona ilungiselelo lokushada umshado ongokwesiko nowasehhovisi likahulumeni?

14 Kwamanye amazwe lapho umthetho uwamukela umshado ongokwesiko, kukhona nelungiselelo lomshado wasehhovisi likahulumeni. Ngokuvamile kulo mshado kuba umshadisi ogunyazwe uhulumeni oshadisayo, futhi ungase uhlanganise kokubili ukwenza izifungo zomshado nokusayina. Eminye imibhangqwana engamaKristu ikhetha lo mshado wasehhovisi kunalona ongokwesiko. Asikho isidingo esingokomthetho sokuba kwenziwe yomibili; ngamunye uyamukeleka emthethweni. Lokho okushiwo ezigabeni 9 no-10 mayelana nenkulumo yomshado nezifungo kuyasebenza nakulesi simo. Into eyinhloko ukuba umbhangqwana ushade ngendlela ehloniphekayo phambi kukaNkulunkulu nabantu.—Luka 20:25; 1 Petru 2:13, 14.

Londoloza Inhlonipho Emshadweni

15, 16. Inhlonipho nodumo kufanele kuhileleke kanjani emshadweni?

15 Lapho inkosi ethile yasePheresiya ivelelwa inkinga emshadweni, umeluleki oyinhloko okuthiwa uMemukhani wanikeza iseluleko esasingaba usizo—sokuba ‘bonke abafazi banike abanikazi babo udumo.’ (Esteri 1:20) Emishadweni yamaKristu, lokho akudingeki ukuba kuze kushiwo yinkosi engumuntu; abafazi bayafuna ukubahlonipha abayeni babo. Ngokufanayo, amadoda angamaKristu abanika udumo omkawo futhi abancome. (IzAga 31:11, 30; 1 Petru 3:7) Akufanele silinde iminyaka ngaphambi kokuqala ukuhloniphana emshadweni wethu. Kufanele kubonakale zisuka nje, yebo, kusukela ngosuku lomshado.

16 Akuyona indoda nomkayo kuphela okufanele babonise inhlonipho ngosuku lomshado. Uma umdala ongumKristu ezonikeza inkulumo yomshado, nayo kufanele ihlonipheke. Kufanele iqondiswe embhangqwaneni oshadayo. Njengoba isikhulumi sibonisa ukubahlonipha, ngeke sifake amahlaya noma sicaphune izinganekwane. Akufanele sikhulume ngezinto eziphathelene nabashadayo ezingase zibangele bona nezilaleli amahloni. Kunalokho, siyolwela ukuba nemfudumalo futhi sakhe, siphakamise uMsunguli womshado neseluleko saKhe esivelele. Yebo, inkulumo yomshado enesizotha yalo mdala iyoba nengxenye ekwenzeni umshado ulethe udumo kuJehova uNkulunkulu.

17. Kungani imishado yamaKristu kudingeka ibe semthethweni?

17 Cishe kulesi sihloko uphawule amaphuzu amaningi aphathelene nemidanti yomshado engokomthetho. Ezinye izici zingase zingasebenzi ngokuqondile endaweni yakini. Nokho, sonke kufanele siqaphele ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba imishado yoFakazi BakaJehova ibonise inhlonipho ngemithetho yendawo nezimfuneko zikaKhesari. (Luka 20:25) UPawulu wasinxusa: “Nikani bonke okubafaneleyo, lowo ofuna intela, intela; lowo ofuna inkokhiso, inkokhiso; . . . lowo ofuna udumo, udumo olunjalo.” (Roma 13:7) Yebo, kuyafaneleka ukuba kusukela osukwini lomshado, amaKristu alihloniphe ilungiselelo uNkulunkulu alibekile okwamanje.

18. Isiphi isici somshado esingeyona imfuneko esidinga ukunakwa, futhi singakutholaphi ukwaziswa okuphathelene naso?

18 Imishado eminingi yamaKristu ilandelwa umbuthano othile—idili lomshado, noma isidlo. Khumbula ukuthi uJesu wakhetha ukuba khona kwelinye idili elinjalo. Uma ukhona umbuthano onjalo, iseluleko seBhayibheli singasisiza kanjani ukuba siqiniseke ukuthi nawo uyoletha udumo kuNkulunkulu futhi ubamelele kahle abashadayo nebandla lobuKristu? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngaleyo ndaba. *

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Lona leli gama lalingase futhi lisetshenziswe lapho kukhulunywa ngedili elingahlobene nomshado.—Esteri 9:22, Septuagint.

^ par. 5 OFakazi BakaJehova basebenzisa uhlaka lwenkulumo yomshado yemizuzu engu-30 enesihloko esithi “Umshado Ohloniphekayo Phambi KukaNkulunkulu.” Lolu hlaka lunikeza iseluleko esihle esingokomBhalo esisencwadini ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya nezinye izincwadi zoFakazi BakaJehova. Le nkulumo iwusizo embhangqwaneni oshadayo nakubo bonke abeze emshadweni.

^ par. 10 Ngaphandle kwalapho umthetho wendawo ufuna okuhlukile, kusetshenziswa lezi zifungo ezidumisa uNkulunkulu. Esomkhwenyana: “Mina [igama lomkhwenyana] ngiyakuthatha wena [igama likamakoti] ukuba ube umkami womshado, ukuba ngikuthande futhi ngikwazise ngokuvumelana nomthetho waphezulu njengoba uhlelelwe amadoda angamaKristu emiBhalweni Engcwele, uma nje sobabili sisaphila ndawonye emhlabeni ngokwelungiselelo likaNkulunkulu lomshado.” Esikamakoti: “Mina [igama likamakoti] ngiyakuthatha wena [igama lomkhwenyana] ukuba ube umyeni wami womshado, ukuba ngikuthande, ngikwazise futhi ngikuhloniphe ngokujulile, ngokuvumelana nomthetho waphezulu ohlelelwe abafazi abangamaKristu emiBhalweni Engcwele, uma nje sobabili sisaphila ndawonye emhlabeni ngokwelungiselelo likaNkulunkulu lomshado.”

^ par. 12 INqabayokulinda ka-November 15, 1962, ikhasi 526 [ngesiNgisi eka-May 1, 1962, ikhasi 287], ikhuluma kabanzi ngomshado wesintu.

^ par. 18 Bheka nesihloko esithi “Yenza Umshado Wakho Ujabulise Futhi Uhlonipheke,” ekhasini 28.

Uyakhumbula?

• Kungani kufanele sizihluphe ngezici zemishado ezingokomthetho nezingokomoya?

• Uma amaKristu amabili eshadela ehhovisi likahulumeni, yini angase anqume ukuyenza ngokushesha ngemva kwalokho?

• Kungani inkulumo yomshado inikezwa eHholo LoMbuso?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 18]

Emshadweni wakwa-Israyeli wasendulo, umkhwenyana wayeletha umakoti emzini wakhe noma emzini kayise

[Isithombe ekhasini 21]

Ngemva komshado ongokwesiko, amaKristu angase athande ukuba nenkulumo eHholo LoMbuso