Gwema Abangane Ababi!
Ezentsha
Gwema Abangane Ababi!
Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
Abalingiswa abasemqoka: UDina, uShekemi, uJakobe, uSimeyoni noLevi
Indaba efingqiwe: UDina woniwa uShekemi, futhi abafowabo abathukuthele bafuna ukuziphindiselela.
1 HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UGENESISE 34:1-31.
Ucabanga ukuthi yiziphi izinto okungenzeka uDina wayezenza nabangane bakhe baseKhanani?
․․․․․
Ucabanga ukuthi uShekemi wayethini kuDina njengoba ‘ayelokhu ekhuluma naye ngendlela ethonyayo’?
․․․․․
Yimiphi imizwelo oyizwa ezwini likaJakobe njengoba ethethisa uSimeyoni noLevi evesini 30?
․․․․․
2 CWANINGISISA.
Ucabanga ukuthi kungani uDina ayevame ukuvakashela amadodakazi aseKhanani? (Ngokwesibonelo, yini okungenzeka wayefana ngayo nawo? Yini lena okungenzeka wayithola kubantu baseKhanani ayengenakuyithola ekhaya?)
․․․․․
Yiziphi izimfanelo ezinhle okungenzeka uDina wazibona kuShekemi? (Phinde ufunde amavesi 3, 12, no-19.)
․․․․․
ivesi 2.)
IBhayibheli likuveza kanjani ukuthi uDina wayengafuni ukulala noShekemi? (Phinde ufunde․․․․․
Ucabanga ukuthi kwakulungile ukuba uSimeyoni noLevi baphindisele ngokubulala izakhamuzi zomuzi wakubo kaShekemi? Kungani uphendula kanjalo?
․․․․․
3 SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nesidingo sokukhetha abangane ngokuhlakanipha.
․․․․․
Nesidingo sokuzithiba ngisho noma unesizathu sokuthukuthela.
․․․․․
INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.
Yiziphi izinto ongazenza ukuze ugweme ukuxhashazwa ngokocansi abantu abangenandaba nemithetho kaNkulunkulu yokuziphatha?
․․․․․
4 YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
Uma ungenalo iBhayibheli, licele koFakazi bakaJehova noma ufunde ezinye izincwadi ezisekelwe kulo kuyi-Internet kuleli kheli: www.watchtower.org