Indlela Efanele Yokubheka Amaphutha
UDon noMargaret * bakujabulela ukuvakashelwa indodakazi yabo nomndeni wayo. Ngaphambi kokuba bahlukane, uMargaret owayekade esebenza njengompheki kodwa owayesethathe umhlalaphansi, wapheka i-macaroni noshizi, okuyisidlo esithandwa kakhulu abazukulu bakhe.
Lapho sebehleli, uMargaret wakuletha ukudla wakubeka etafuleni. Njengoba evula isivalo, wadumala lapho ethola ukuthi kunososi kashizi kuphela ebhodweni. UMargaret wayekhohlwe ukufaka i-macaroni! *
Sonke siyawenza amaphutha, kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani noma sinolwazi olungakanani. Singase sikhulume singacabanganga, noma senze into ngesikhathi esingafanele noma sikhohlwe okuthile. Kungani senza amaphutha? Yini esingayenza ngawo? Ikhona yini indlela yokuwagwema? Ukuba nombono ofanele ngamaphutha, kuzosisiza siphendule le mibuzo.
UMBONO WETHU NOKANKULUNKULU NGAMAPHUTHA
Lapho senze kahle, siyajabula lapho sinconywa futhi sizizwa sikufanele lokho kunconywa. Uma senze iphutha, ngisho noma abanye bengalibonanga, akufanele yini nakhona sivume ukuthi silenzile? Kudingeka sithobeke ukuze sivume ukuthi senze iphutha.
Uma siziphakamisa, singase sizame ukulinciphisa iphutha esilenzile, sibeke abanye icala ngalo noma size siphike ukuthi silenzile. Ngokuvamile lokho kuba nemiphumela emibi. Inkinga ingase ingaxazululeki, futhi kungase kubekwe abanye icala kungafanele. Ngisho noma singakugwema ukubhekana nemiphumela yephutha lethu, kufanele sikhumbule ukuthi ekugcineni, “ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12.
Indlela uNkulunkulu abheka ngayo amaphutha ayifani neyethu. Incwadi yeBhayibheli yamaHubo ithi uNkulunkulu ‘unesihe futhi unomusa, ngeke aqhubeke esola kuze kube phakade, futhi ngeke ahlale ecasukile kuze kube nini nanini.’ Uyazi ukuthi abantu banesono futhi uyabazi ubuthaka bethu, ‘uyakhumbula ukuthi siluthuli.’—IHubo 103:8, 9, 14.
Njengoba engubaba wethu onomusa, ufuna nathi sibe nombono ofana nowakhe ngamaphutha. (IHubo 130:3) Ngenxa yokuthi uyasithanda, eZwini lakhe kuneziyalo neziqondiso eziningi ezisisiza sikwazi okufanele sikwenze lapho senze amaphutha, noma lapho abanye benze amaphutha.
IZINDLELA ZOKUBHEKANA NAMAPHUTHA
Ngokuvamile lapho kwenzeke amaphutha, abantu bavame ukuchitha isikhathi esiningi bezama ukubeka abanye icala noma bezama ukubeka izaba ngalokho abakushilo noma abakwenzile. Kunokwenza kanjalo, kungani ungaxolisi ulungise izinto? Likhona yini iphutha olenzile, elibangele wena noma abanye izinkinga? Kunokuba uzicasukele kakhulu noma ugxeke abanye, kungani
ungavele uzame ukulungisa izinto? Ukulokhu ugxeka abanye kuzokwenza izinto zibe zimbi nakakhulu. Kunalokho, funda ephutheni lakho, ulilungise bese uqhubeka nokuphila.Kungaba lula ukuveza imizwa yethu uma iphutha lenziwe omunye umuntu. Kodwa kungangcono kakhulu ukusebenzisa iseluleko sikaJesu Kristu esithi: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Lapho wenze iphutha, ngisho noma lingaba lincane, cishe ungathanda ukuba abanye bazwelane nawe noma bangalinaki. Pho kungani nawe ungenzi okufanayo ngamaphutha abanye?—Efesu 4:32.
OKUNGASISIZA SINCIPHISE AMAPHUTHA
Esinye isichazamazwi sithi, amaphutha enzeka lapho “senze isinqumo esingesihle, singenalo ulwazi olwanele noma ngenxa yokunganaki.” Kufanele sivume ukuthi nathi sike sikwenze lokhu. Nokho, singakwazi ukunciphisa amaphutha esiwenzayo uma sicabangisisa ngalokho okushiwo amanye amavesi eBhayibheli.
Elinye lawo izAga 18:13, lo mBhalo uthi: “Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye nokululazeka.” Kuyiqiniso ukuthi ukuzinika isikhathi ulalelisise, ucabange ngalokho ozokusho kungakusiza ukuba ungasho noma wenze into ozozisola ngayo kamuva. Ulwazi olutholakala ngokunakisisa lubalulekile ngoba lusisiza ukuba sahlulele kahle futhi sigweme amaphutha.
Elinye ivesi leBhayibheli lithi: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:18) Zama konke okusemandleni ukuba uzwane nabo bonke abantu futhi ubambisane nabo. Lapho usebenza nabanye, bacabangele futhi ubahloniphe, uzimisele ukubancoma nokubakhuthaza. Uma niphathana kanjalo kuba lula ukunganaki nokuxolelana uma kukhona okhulume noma wenza okuthile engacabanganga. Ngesikhathi esifanayo, kwenza izinkinga ezinkulu zisheshe zixazululeke.
Zama ukubona ukuthi yini ongayifunda kulelo phutha. Kunokuzama ukuzithethelela ngalokho okwenzile noma okushilo, bheka lelo phutha njengethuba lokuzakha ube umuntu ongcono. Kungenzeka yini ukuthi kufanele uzame ukubekezela, ukuba nomusa noma ukuzibamba? Noma mhlawumbe kufanele ufunde ukwehlisa umoya, ukuthanda abanye nokwenza ukuthula nabo? (Galathiya 5:22, 23) Kunoma yikuphi, zama ukufunda emaphutheni akho. Vuma ukuthi wenze iphutha, kodwa ungazami ukugxila kakhulu kulelo phutha. Amancoko angenza isimo singashubi kakhulu.
UKUBA NOMBONO OFANELE KUYASIZA
Ukuba nombono ofanele ngamaphutha kuzosisiza sikwazi ukubhekana nawo. Sizoba nokuthula nabanye, nathi singazithukutheleli kakhulu. Uma sizimisela ukufunda emaphutheni ethu sizohlakanipha, futhi nabantu bazosithanda. Ngeke sibhocobale kakhulu noma sizibone sibabi. Ukukhumbula ukuthi nabanye bazama ukubhekana nawabo amaphutha, kuzosisiza sisondelane nabo. Okubaluleke nakakhulu ukuthi uma sizama ukulingisa uthando lukaNkulunkulu nokuzimisela kwakhe ukuxolela, siyozuza kakhulu.—Kolose 3:13.
Iphutha elenziwa uMargaret, esikhulume ngaye ekuqaleni, lalona yini usuku lomndeni wakhe? Alizange. Bonke bavele bahleka, ikakhulukazi uMargaret baqhubeka nesidlo, ngisho noma i-macaroni yayingekho! Lapho sebekhulile, abazukulu bakaMargaret baxoxela izingane zabo ngaleso senzakalo, nangezinye izikhathi ezimnandi ababa nazo nogogo nomkhulu wabo. Kakade, kwakumane kuyiphutha nje!