HLALANI NILINDILE!
Ubani Ongamethemba?—Lithini IBhayibheli?
Abantu bayadumazeka lapho abantu ababathembayo bebaphoxa. Abaningi sebeyekile ukuthemba . . .
abaholi bamaqembu ezepolitiki ababeka izidingo zabo kuqala kunezidingo zabantu.
abezindaba abehluleka ukubika izindaba ngeqiniso nangaphandle kokuchema.
ososayensi abenza izinto ezingafaka umphakathi engozini.
abaholi benkolo abangene bagamanxa kwezepolitiki kunokuba bamelele uNkulunkulu.
Abantu benza kahle ngokuqapha ukuthi bathemba bani. IBhayibheli liyasixwayisa:
“Ningabeki ithemba lenu ezikhulwini, noma endodaneni yomuntu, engenakukwazi ukusindisa.”—IHubo 146:3.
Umuntu ongamethemba
IBhayibheli liveza ukuthi umuntu ongamethemba: uJesu Kristu. Wayengeyona indoda elungile nje kuphela eyaphila emakhulwini eminyaka edlule. UNkulunkulu wabeka uJesu ukuba ‘abuse njengeNkosi . . . , noMbuso wakhe ngeke uphele.’ (Luka 1:32, 33) UJesu uyiNkosi yoMbuso KaNkulunkulu, uhulumeni obusayo njengamanje ezulwini.—Mathewu 6:10.
Ukuze ufunde ukuthi kungani ungamethemba uJesu, funda lesi sihloko “Ubani OyiNkosi YoMbuso KaNkulunkulu?” nesithi “Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?”