I-JW LANGUAGE
Ongakwenza Kuyi-JW Language
Inezimili Eziningi
Khetha ulimi lwakho ezilimini ezingu-18 ezitholakalayo noma ukhethe olunye oluzwayo. Ungakhetha phakathi kwesiBengali, isiShayina (Esenziwe lula) esihlanganisa okulalelwayo kwesiMandarin, isiNgisi, isiFulentshi, isiJalimane, isiHindi, isi-Indonesia, isiNtaliyane, isiJapane, isiKorea, isiMyanmar, isiPutukezi, isiRussia, iSpanishi, isiSwahili, isiTagalog, isiThai, nesiTurkey.
Ukwaziswa Okusiza Ensimini
Amagama asetshenziswe kuyi-JW Language agxila ekushumayeleni, ekufundiseni nasendleleni yeBhayibheli yokusebenzisa amagama. Kukhona namapheshana amaningana afakiwe ukuze ukwazi ukuqhathanisa ulimi owaluncela ebeleni nolimi olufundayo.
Izindlela Zokufunda Ezivumelana Nezimo
Funda: Funda uqhathanisa ulimi lwakho lwebele nalolo ofuna ukulufunda
Lalela: Umuntu womdabu oqoshiwe, ekhuluma igama negama, umusho nomusho nencwadi yolimi olufundayo
Bukela: I-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? nethi Kwenzekani Esifundweni SeBhayibheli? ngolimi lwakho nangolimi olufundayo
Hlola ulwazi lwakho: nge-Flash-card mode
Izinto Ofuna Ukuzithola Ngokushesha
Uma ufuna ukusheshe uthole okuthile noma ukuze uthole amagama avame ukusetshenziswa noma ayinkinga wagcine ngokuthi Favorite. Ungaphinde ubheke nengxenye ethi Favorites kuyi-Flash-Card Mode.
Indlela Yokubhala Esebenzisa Ongwaqa Nonkamisa
Nasezilimini ezingasebenzisi ongwaqa nonkamisa abavamile, amagama azovela engongwaqa nonkamisa.
Usizo
Uma uba nezinkinga nge-JW Language, sicela ugcwalise ifomu kuyi-internet bese ulithumela.